06 | Izindaba
Friday, 12 December 2025
Kulobe: uThandoluhle Ngubo
Ezemfundo
UNkz Gwarube uthi bathole ukuthi amaphepha aputshuzwa yisisebenzi esisebenza lapho ayegaywa khona...
KUPHEKWE ngemibuzo abafundi bakwamatikuletsheni abawu-26, bezikole eziwu-7 ezisePitoli, bazivumela ngokuthola "imbuzi" yamaphepha ezivivinyo awu-7.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke uNkz Siviwe Gwarube ngoLwesine, ngesikhathi ethula umbiko ngokuvela kwezindaba zokukopela okuthiwa kubanjwe ngothisha abamakayo.
NguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uNkz Siviwe Gwarube.
UNkz Gwarube uthi kuyiqiniso ukuthi kunedlanzana labafundi okutholakele ukuthi bakopelile, ngemuva kokuthi esinye sezisebenzi zomnyango esinengane efunda u-matric, sakhipha ngokungemthetho amaphepha sanika lo mfundi.
"Esikutholile ukuthi lawa maphepha aphuma
nge-USB ekhishwa ngesinye sezisebenzi zomnyango esisebenza lapha kugaywa khona amaphepha ezivivinyo. La maphepha
ngawe-English Home Language, iphepha lokuqala kuya kwelesithathu, iMaths iphepha lokuqala nelesibili nawePhysical Science, iphepha lokuqala nelesibili.
"Kasiqondi noma uwadayisile lamaphepha kodwa agcine efike kwesinye isisebenzi sethu esinengane efunda umatikuletsheni. Zombili lezi zisebenzi zimisiwe, zabikwa nasemaphoyiseni ngokutholakala nempahla kahulumeni eyebiwe," kusho uGwarube.
UGwarube uthi ngale kwalezi zikole
eziwu-7, kazikho ezinye izikole okukhomba kuthi zike zakopela. Uthi lolu daba luzophinde lubhekwe kabanzi yithimba laba phenyi elizimele, okulindeleke ukuba lethule umbiko kuye ngomhla ka-31 kuDesemba nonyaka.