17 | Ezemidlalo
Friday, 11 July 2025
NGUMQEQESHI weReal Madrid, uXabi Alonso nowePSG, uLuis Enrique Martinez ngesikhathi la makilabhu ebhekene koweFifa Club World Cup.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UHLULWE wacasha ngesithupha uXabi Alonso ongumqeqeshi weReal Madrid yaseSpain, ethole isifundo samahhala sebhola inenebulwa yiParis Saint Germain (PSG) yaseFrance ngo-4-0 kwiSemi final yeFifa Club World Cup e-United States of America (USA).
ILos Blancos iye kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma. Nokho kakuthathanga isikhathi esingakanani njengoba zishintshe sekuvele kuhlukene inhloko nesixhanti, iPSG ihamba phambili ngo-3-0.
La magoli ashaywe nguFabian Ruiz amabili (6, 24) nelilodwa lika-Ousmane Dembele (9), ngaphambi kokuba uGoncalo Ramos - ongene ngesiwombe sesibili - ashayele isipikili sokugcina ngomzuzu ka-87.
"Kusekuningi okusamele sikwenze. Empeleni lokhu kunginika ithuba lokuthi ngiqale phansi isizini isaqala.
"I-PSG kudala yaqala ukuhlanganiswa, thina yima siqala manje. Kangenzi izaba kodwa nathi sizovuka sizithathe, sibuyele esicongweni," esho.
Lo mqeqeshi kubhekeke ukuba abuyise udumo lwale kilabhu lokuwola izinkomishi njengoba kuphele isizini edlule ishwiba izandla ngaphansi kukaCarlo Ancelotti obengumqeqeshi wayo, kodwa osejoyine iqembu lesizwe laseBrazil.
NGU-FABIAN Ruiz wePSG ejabulela elinye lamagoli akhe, enozakwabo uKhvicha Kvaratshelia (ongemuva).
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
I-PSG isizobhekana neChelsea yase-England kowamanqamu walo mqhudelwano ngeSonto ngo-21h00.
Izinkulumo ngalo mdlalo sezivele ziqalile njengoba abalandeli abaningi bethi iChelsea idinga umthandazo, osekwenze abalandeli bayo bayiphunga ngazo zombili le nkulumo njengoba bethi bakulungele ukuthena inkunzi ngeSonto.