15 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Ibuyele esigodlweni indodakazi kaZuma. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Mamuntule Magutshwa:
YENZE kahle yabuyela emzini. Yona yayizwe ngobani ukuthi kubuye kugodukwe?Β Ibanjwa insimbi ishisa ize ilothe.
Zagalio Mbhele:
USAZOPHINDE abaleke unomphela.
Sizwe Mpontshane:
BAKITHI ibuye ikhumbule ikhaya indodakazi, niyixolele.
Xolani Exsodus Ngubane:
ISEHLA senyuka ibhasi yakwaNobamba. Mhlawumbe ubevele ezikhumbulele ekhaya nje.
Mjey Ef:
NAYE usefuna ukutshelwa yonke into?
Uyadla nje usule umlomo wome kheqe.
Mcouloo And's:
KUNGCONO ngoba ayiphinganga, ikhethe ukubuyela kubo. Ikhumbulile ukuthi isanekhaya.
Zamani Masondo:
LE Nkosi iwavakashela nini la makhosikazi ayo angaka?
Khetha King Sphathamali Hadebe-eMsinga:
KWAKUYOKHANDWA ngayo umnotho, akunakubuyela emumva la. π π π€πͺ
Happy Nsiko:
INGANE idlala i-chess njengoyise
Dumsani Dumsani:
Β ISAYOLAMBA futhi. Kayikho le nto yayo.
Dudu Tshwn:
NGEKE yini isabulawa yindlala nomzwangedwa? π€£
Peekay Mpongo:
UMDLALO omuhle mawuqhubeke. π€£π«£π