18 | Ezemidlalo
Friday, 11 September 2026
NGU-DILLAN Solomons.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UTHANDAZELA ukunqoba isihlava sokulimala njalo uDillan Solomons ongumdlali weKaizer Chiefs ojwayele ukumiswa kabi wukuhlala esegunjini lodokotela bale kilabhu.
IChiefs izobhekana nePolokwane City koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.
USolomons - odlala emuva kwiChiefs - usanda kubuya eqenjini njengoba ubengaphandle ngenxa yokulimala.
NGU-SOLOMONS exinwe nguThulani Gumede weRichards Bay FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Sekuyinto ejwayelekile kulo mdlali njengoba ukulimala kumthanda njengoba ingapheli isizini engalimalanga, okumenza ahlale ngaphandle isikhathi eside.
"Ngiza kahle manje kanti nomzimba wami ngiyazama ukuwunakekela ngendlela. Ngizama ukwenza isiqiniseko sokuthi zonke izingxenye zomzimba wami zisesimweni esifanele.
"Ukubuya ekulimaleni kunzima ngoba usuke usilele (ngokuba qatha), kukuthatha isikhathi ukuba sefomini.
"Ngiyilangazelele le sizini. Nokho ngimincile ukuthi kungangiphindi ukulimala, ngihlale ngisesimweni esihle sokudlala ize iyophela.
Kodwa-ke kunezinto ongeke ukwazi ukuzilawula njengakho nje ukulimala, kwenzeka noma yinini, ngeke ukuvimbe," kusho uSolomons.
Uthi balindele umdlalo onzima kwiPolokwane njengoba isekhaya.
"Siwulangazelele lo mdlalo, kodwa-ke siyazi ukuthi ngeke ube lula njengoba iPolokwane isekhaya. Inzima ekhaya, kodwa siyakwazi okufanele sikwenze kulo mdlalo," kusho uSolomons.