13 | Izindaba

Friday, 11 September 2026

Ishay' Izule:                                   Zandile Tembe

Image

AbakwaHyundai balenyuse ngesitayela izinga


Bathi yize ingena mawala imikhiqizo yaseChina, kodwa nabo basekhona ezinhliziyweni zabathengi

BALENYUSE ngesitayela izinga, nokubukeka kwezimoto zabo ezintsha, abakwaHyundai, kodwa bakhetha ukuzigcina kuphethiloli.

Balandele isisho sesiNgisi esithi, “Ungayilungisi into uma ingaphukile, noma isebenza kahle”.

Lokhu bakwenza ngesikhathi kunesasasa lezimoto ezisebenzisa ugesi nezinye izindlela zamandla. Lokhu kuvele ngesikhathi bethula kwabezindaba nemboni (yezimoto) uhlobo lwezimoto zabo ezintsha; iStaria neCreta ngoLwesine eZimbali.

Lezi zimoto - iStaria eyibhasi elincane, eliyisithuthi sabantu abasukela ku-9 kuya ku-11, neCreta eyiSUV eyi-crossover - zithathwa njengesezithuthukisiwe futhi ezizofika nezinhlaka ezintsha.

Image

Nakuba lezi zimoto zethulwe njengezikaphethiloli kuphela, kuvelile ukuthi lokhu kwenzeke eNingizimu Afrika kuphela, njengoba kwamanye amazwe zitholakala ezihlanganisa uphethiloli nogesi (hybrid).

Lokhu kubaluleke kakhulu ngenxa yokuthi amazwe awafani. Ngokubika kwesikhulu sakwaHyundai eNingizimu Afrika, uMnu Stanley Anderson, uthe imikhiqizo yabo yezimoto zikaphethiloli, yenza kahle kakhulu emakethe.

Wethule nombiko othi abakwaHyundai bayingxenye yabakhiqizi bezimoto abadayisa kahle uma beqhathaniswa nezinye izinkampani.

Uthe yize imikhiqizo yaseChina ingena mawala, kodwa nabo basenza kahle kubathengi.

Image

Uthe lokhu kungenxa yenani lezimoto zabo, ukulungiseka kalula kwazo, nebanga elide elihanjwa yimoto ngophethiloli.

Uphethe ngokuthi enye yezinto abazigqaja ngayo kakhulu, wukuthi izimoto zabo zidayiseka kalula noma sezingamasekeni (resale value).

Sithole ithuba lokuzizwela ngokukhethekile lolu hlobo lwezimoto.
Nakhu okuhlukile nokuthe thuthu ngalezi zimoto; i-Hyundai Staria entsha yango-2026, ilinyuse kakhulu izinga endleleni ebukeka ngayo ngaphandle njengoba ihambisana nesikhathi esizayo (futuristic). 

Image

Inobuchwepheshe obuphezulu, kanti nokwakhiwa kwe-dashboard ne-screen sayo kukwelinye izinga.

Bayithuthukise kakhulu nakwezokuphepha komshayeli nahamba nabo (safety-driver assistance).

Inamandla athe xaxa uma uyiqhathanisa nencintisana nazo, ikakhulukazi lezi ezingama-hybrid.

I-Creta yona inezinguquko ezimbalwa, okuyimixhantela yangaphakathi, nendlela ebukeka ngayo.

Esikuqaphele kakhulu ngayo, yindlela eshayeleka ngayo. Iwajika kahle amakhona, futhi iyamelana nemigwaqo engemihle.