10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 11 September 2026
Umuzi nomuzi unezinto zawo zokubethela
LONA wesilisa we-Orlando Pirates, uMzala ukhala ngokuthi uhlale edla amaqanda enkundleni.
SEKUKANINGI uMzala eyiziba le ndaba yalesi sigora se-Orlando Pirates, esiphatha amaqanda njalo enkundleni, esihluleka ngisho wukuwafihla.
Kuyinto engephikwe ukuthi umuzi nomuzi unezinto zawo zokubethela. UMzala uyafisa ukwazi ukuthi izingane zidlani njengoba uhlale uphethe amaqanda enkundleni.
Ngelinye ilanga uMzala uyofika nepani enkundleni, afike awathose kungakaqali ngisho umdlalo, bese sibona ukuthi ezakho ziyokwenzenjani.
Uyinkunzi uSomgaga ngokukhuluma
izilimi eziningi, axove kuvuthwe
KUNEZINTO ongeke wazishintsha noma ngabe uthanda kanjani emhlabeni.
UMzala uke walalela uhlelo lweMetro FM, emini phakathi nezinsuku kusakaza uSomizi Mhlongo.
Yeyi unekhono eliyisimanga lokukwazi ukukhuluma izilimi eziningi ngendlela yakhe.
Sekukaningana uMzala elulalela lolu hlelo, abalaleli bakhona bayazifela ngoSomgaga ngoba kuthi noma sebegaxela ngolimi lwasemzini, afike ayilamule uMfo kaMhlongo, axove kuvuthwe.
Uyinkunzi kodwa Somgaga ngoba awulokhu uzixaka. Sengathi nabanye abasakazi bangabukela kuwena.
Baqinisile abathi imali iyagezana
NGU-KING Zoso
UMUNTU akalahlwa. UMzala ngeke athule ebona umuntu obegeza eshesha esekhombisa ukushintsha manje. Noma ngabe ngubani lo okhohlise uZoso, uyawazi umsebenzi.
Le nsizwa muva nje ibonakala ishintshe ngempela. UMzala ubengalindele ukuthi isithothobala singashintsha ngokushesha.
Baqinisile laba abathi imali iyagezana. I-percent likushintshile ngempela mfo kaNtombela.
Uma kuyintombi le eyenza lokho, uMzala uthi khipha isimemo sokushada ngokushesha.
Iyeke ilale manje Ngwenya
KUNABANTU ongazi ukuthi ungabasiza kanjani ekudluliseni izinto. Sekuyophela unyaka u-Ayanda Msweli (osesithombeni esingenhla), axoshwa oKhozini FM, kodwa namanje usahamba exoxa ngobuhlungu abuzwa.
UMzala ngeke athule, ayekelele uNongalo ecwila yedwa. Ngwenya khulula inhliziyo manje, phela wawungakhanga inxiwa kwiSABC, wawusebenza njengabanye.
Vuma kuhle kwesoka laliwa yintombi ukuthi ucu kalusahlangani. Ezinye izinto zifuna ukuthi uzigwinye noma kubaba Ngwenya, iyeke ilale manje.