04 | Izindaba
Friday, 11 September 2026
Le nkampani ithi ivule amathuba emisebenzi angaphezulu kuka-8000...
I-The Polygamist ibe wunombolo 1 emazweni
awu-21...
Lucky Cain
SIZIGQAJA ngokuvula amathuba emisebenzi engaphezulu kuka-8000, nokusebenzisana nezinkampani zaseNingizimu Afrika ezingaphezulu kuka-30, isiteshi sikamabonakude iNetflix, esigubha iminyaka ewu-10 saqala ukukhonjiswa kuleli.
INetflix isiphenduke esinye seziteshi ezithokozelwayo kuleli ngokukhiqiza nokukhombisa imidlalo namafilimu akuleli ebalazweni lomhlaba.
Isikhulu esiphezulu salesi siteshi, uBen Amadasun, esiphethe eMiddle East nase-Africa sithi ngo-2016 bathatha isinqumo sokukhombisa amafilimu aphesheya kuleli, kulesi siteshi.
Uthi okubenza bayithokozele kakhulu le minyaka eyishumi, wukuthi le midlalo namafilimu avutshelwe kuleli kayigcinanga ngokuthokozelwa eNingizimu Afrika kuphela, kodwa akwazile ukusabalala, afinyelela nakwamanye amazwe.
"Awagcinanga nje ngokufinyelela kodwa akwazile ukuthi ahambe phambili ngokubukwa nangokuthokozelwa,"esho.
Phakathi kwemidlalo namafilimu akuleli abe nedumela kulesi siteshi, kubalwa iBlood and Water, iYoung, Famous & African, i-Unseen,
iSilverton Siege, iFatal Seduction, iDisaster Holiday, iHow to Ruin Christmas, iBeauty and the Bester, iMarked, iKings of Joburg, iBlood Legacy okulindeleke ukuthi ikhuze ibuya maduze isizini yesibili yayo, iThe Polygamist ebe sematheni kakhulu ekuqaleni kwalo nyaka, kanti muva nje Umthetho yiwona odla ubhedu kulesi siteshi.
Ngokusho kuka-Amadasun le midlalo namafilimu ayigcinanga ukuba nedumela nje emazweni aziqondayo izilimi zakuleli, kodwa nakwamanye okukhulunywa kuzona izilimi ezahlukene.
Uthe okuhle ngale midlalo wukuthi iqhakambisa iNingizimu Afrika nethalente eliyisimanga elikhona kuleli. Uthi irekhodi lomdlalo ogile izimanga lisabanjwe iThe Polygamist, ebe sohlwini lwemidlalo eyishumi emazweni awu-62, yaphinde yaqengqeleza phambili yaba wunombolo 1 emazweni
awu-21.
Uqhube ngokuthi kule minyaka eyishumi elandelayo, bazimisele nokuqhubeka nokubambisana nabakhiqizi bamafilimu bakuleli ukuqhamuka namasha azokwenza ngaphezulu kunokulindelekile.