20 | Ezemidlalo
Friday, 10 October 2025
NGUSPHEPHELO Sithole ehlomisa impi yeBafana. Lapha unozakwabo uKhuliso MudauĀ noThemba Zwane.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mzwamandla Zondi
UJABULELA ukuphinda abeyingxenye yeBafana Bafana uSphephelo "Yaya" Sithole ongenye yezinjini zaleli qembu elizobhekana neZimbabwe kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngonyaka ozayo eMelika, eCanada naseMexico.
Lo mdlalo uzokuba ngoLwesihlanu ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kuthi ngoLwesibili iBafana ivale imidlalo yokuhlunga ngokushukana neRwanda ngesikhathi esifanayo eMbombela Stadium, eMpumalanga.
USithole ukhuza ibuya ngalo mdlalo emuva kwesikhathi eside engeyona ingxenye yaleli qembu ngenxa yokuhlushwa wukulimala, obekumumise kabi.
Uthi kunesikhathi lapho ayecabanga khona ukuthi sekuphelile ngaye kulo mdlalo ngenxa yakho belu ukulimala.
Nokho uthi ubehlala ngokuxhumana nozakwabo abakwiBafana, ebathumelela imiyalezo yokubakhuthaza ukuyibamba ishisa emidlalweni yalesi sikwati.
Uthi okuhle wukuthi imiphumela ibilokhu iqhubeka nokuvuna iBafana njengoba isemgqeni wokufinyelela kulo mqhudelwano eyagcina ukungena ngezikhwepha zayo kuwona ngo-2002, ubanjelwe eSouth Korea naseJapan.
Phela ngo-2010 iBafana yagijima kulo mqhudelwano ngoba nakhu yabe ingosokhaya, kanti yaqopha umlando omubi ngokuba yizwe lokuqala ukuphuma ekuseni ekubeni lisingethe le midlalo ethathwa njengemikhulukazi emhlabeni wonke jikelele.
NGUSITHOLE enoTeboho Mokoena.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
* Kusenjalo, iFifa ihlawulise kanzima isekela likamengameli leSudan Football Association, uYasser Nasreddin Hamza Al-Samani, ngokuhlukumeza unondweba ngesikhathi leliya lizwe lihlulwa yiTogo ngo-1-0 emdlalweni wokuhlungela yona belu indebe yomhlaba, obungasekuqaleni kukaSeptember.
Lo mphumela washabalalisa wonke amathuba eSudan okufinyelela kwindebe yomhlaba.
Lesi sikhulu sijeziswe ukungalubhadi emidlalweni ewu-15 esemthethweni yeqembu lesizwe lakuleliya lizwe.
Isekela lomqeqeshi weSudan, u-Ignatius Osei-Fosu - elidabuka eGhana - limiswe imidlalo emithathu ngalokho iFifa ekubize ngokungabi nobuntu konondweba ababeqhamuka eMadagascar.
Bahlawuliswe nemali.