07| Izindaba

Friday, 10 October 2025

Image

YI-UDUMO KZN Choir ekhiphe ingoma ethi Moya.

Izimisele ngokupika abanye abaculi ikhwaya yaseKZN ekhiphe ulozolo lwengoma

Izokwenza izinhlobo ezahlukene zomculo

Lucky Cain

IZIMISELE ngokupika abanye abaculi uma isiqhubeka nokukhiqiza izingoma i-Udumo KZN Choir ekhiphe ingoma ethi "Moya" emasontweni amabili adlule. 

Le khwaya - esungulwe kulo nyaka, eholwa nguQhubekani Mthethwa ongumdidiyeli wayo, noZolani Mkhize ongumqondisi wezingoma - ithi izimisele ngokwenza izingoma zemiculo eyahlukene.

Yahlanganiswa ngemuva kwenhlolokhono eyayiholwa nguKhaya Mthethwa, nguMpumi Mtsweni noZolani. Kwakuphume izinkumbi zabaculi abanekhono, ababezimisele ukuba yingxenye yayo.

I-Udumo ibonakale okokuqala inandisa emcimbini ka-Ayanda Ntanzi obuseMoses Mabhida, lapho ibicula nayo le ntandokazi yomculo we-gospel.

Ingoma yale khwaya itholakala kuzona zonke izinkundla ezithengisa umculo online.

Image

NGUKHAYA Mthethwa owayengelinye lamajaji ngesikhathi kuhlonzwa amalungu ale khwaya.

UNokulunga "Nuh" Ntuli ongesinye sezikhulu zale khwaya, uthe ukuphuma kwale ngoma kusho isiqalo sokuningi abakuhlelayo.

 "Ngesikhathi sihlanganisa le khwaya, sakucacisa ukuthi siqhamuka nento ehlukile - engafani namanye amakhwaya aseke aba khona phambilini," kusho uNokulunga.

Uthe ngemuva kokuthi benze inhlolokhono, kuningi abaqale bakwenza ukuqeqesha nokukhulisa amalungu ayo ngolwazi olumqoka emculweni.

"Bekumqoka ukuthi siqale sibacathulise ngezinto ezimqoka ngaphambi kokuthi sibafake e-studio," esho.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi le khwaya yethulwa kwabezindaba, kwavela ukuthi izokwenza indumezulu yomcimbi wokuzethula ebantwini, futhi iqophe nezinye izingoma zayo bukhoma.

UNokubonga uthi bakhethe ukwenza ngendlela eyehlukile, yize besazimisele ngokuwenza umcimbi wokucula bukhoma.

"Sibone ukuthi masiqale sikhiphe izingoma zethu, abantu babe beqala ukuzijwayela ukuze uma sesenza umcimbi, babe sebenolwazi ngazo," kusho yena.