NGUNHLANHLA Zwane wodumo kumaZulu FC.
Senzo Sokhela
UVEZA okungase kunqobise iRichards Bay FC Reserves komkhaya bayo uNhlanhla "Shakes" Zwane ololonga iKwaMashu Durban Knights egijima kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, owake walolonga AmaZulu FC Reserves, futhi wadlala oSuthwini.
IBay Reserves izodlala neDurban City Reserves koweDStv Diski Challenge (DDC) ngoMgqibelo ngo-13h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Lo mdlalo uyingxenye yedili lemidlalo yeDDC elizokuba kule nkundla ngale mpelasonto.
NGUSIBUSISO Msomi ololonga iBay Reserves.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UZwane ubona iBay Reserves izokhala yemuke namaphuzu amathathu.
"IBay ngiyibona inethuba lokunqoba lo mdlalo ngoba inesipiliyoni uma uyiqhathanisa neDurban City.
"Abadlali abaningi beBay banezinkontileka nesikimu esikhulu sayo, futhi isikhathi esiningi bajima naso, kanti injalo nje kade yaqala ukudlala kulesi sigaba uma uyiqhathanisa neDurban City efikayo.
"Ngaphandle kwalokho, umqeqeshi weBay uSibusiso Msomi usehlale isikhathi eside kulesi sigaba uma umqhathanisa noDaine Klate ololonge isikhathi esincane kwiChippa United Reserves.
"UMsomi usesiqonda kahle lesi sigaba, yingakho iBay yenza kahle njengoba ihleli endaweni yesibili kwi-log.
"Okunye okubeka iBay ethubeni elihle wukuthi vele imidlalo yayo yasekhaya iyidlalela ePrincess Magogo Stadium, kufana nokuthi isekhaya. Ngokwami ngiyayibona iBay inqoba lo mdlalo womkhaya," kusho uZwane.
Omunye umdlalo obhekiwe kuleli dili ngoweLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates, ngawo uMgqibelo, ngo-15h00.
IPirates iqhwakele kwi-log, kanti ibukeka isethubeni lokuvula igebe esicongweni.
NgeSonto, umdlalo obhekiwe ngowamaZulu FC Reserves neMamelodi Sundowns Reserves, ozokuba ngo-13h00, kanti kwawona la makilabhu asethubeni lokukhala emuke nesicoco seligi.
Leli dili lizovalwa ngomdlalo ophakathi kweKaizer Chiefs neSekhukhune United ngo-15h00.
Imidlalo yeDDC isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje:
NGOMGQIBELO
EWestbourne Oval Stadium: Chippa United Reserves vs Magesi Reserves 10h00.
ESolomon Mahlangu Stadium: TS Galaxy Reserves vs Stellenbosch Reserves 10h00.
EPrincess Magogo Stadium: Durban City Reserves vs Richards Bay Reserves 13h00; Golden Arrows Reserves vs Orlando Pirates Reserves 15h00.
NGESONTO
EDr Molemela Stadium: Marumo Gallants Reserves vs Polokwane City Reserves 10h00.
E-Olympia Park: Orbit College Reserves vs Siwelele FC Reserves 12h00.
EPrincess Magogo Stadium: AmaZulu Reserves vs Mamelodi Sundowns Reserves 13h00; Kaizer Chiefs Reserves vs Sekhukhune United Reserves 15h00.