17 | Ezemidlalo
Friday, 10 October 2025
NGUMQEQESHI weRwanda, u-Adel Amrouche.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UTHEMBISA ukukhipha osizini iBafana Bafana u-Adel Amrouche ongumqeqeshi weqembu lesizwe laseRwanda elizodlala neBenin emdlalweni ka-group C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ngoLwesihlanu ngo-18h00 khona belu eRwanda.
IRwanda nayo isenalo ithutshana lokungena kule midlalo yize kulele emuseni wamanye amazwe. Ilele endaweni yesine kuleli qoqo ngamaphuzu awu-11 emidlalweni ewu-8.
Ibhekene neBenin eqhwakele ngamaphuzu awu-14 emidlalweni efanayo, bese ilandelwa yiBafana esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-14 emidlalweni afanayo.
IBafana yiyona ebiqhwakele, kodwa yaphucwa amaphuzu amathathu yiFifa emuva kokuba ilahlwe yicala lokudlalisa uTeboho Mokoena enamakhadi amabili aphuzi ibhekene neLesotho.
NGABADLALI beBafana besejimini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
U-Amrouche ongumkhaya kaHugo Broos ololonga iBafana - njengoba bobabili bedabuka eBelgium - uthembisa ukuyikhipha iBafana kulolu sizi ebhekene nalo ngokuthi ayibambele iBenin.
"Yebo sisenalo ithuba, kodwa kalisekho ezandleni zethu, lilele kwamanye amazwe okuyinto okungelula ukuthi yenzeke.
"Ngokwami, iBafana kuyifanele ukuya emqhudelwaneni wendebe yomhlaba, isebenze kanzima kuleli qoqo, yikhona nje ukuthi ivelelwe wumshophi ngodaba lukaMokoena.
"Kodwa-ke sizoyenzela umsebenzi ubelula ngokuyibambela iBenin njengoba izodlala nathi ekhaya. Isehlule ngo-1-0 siye kuyona, manje iza kithina, kufanele ukuba nakanjani siziphindiselele.
"Engingakuqinisekisa wukuthi ngeke iphume namaphuzu amathathu eRwanda, lokho ngingakumela," kusho u-Amrouche obematasa edlala nabadlali bakhe ekhempini yaleli qembu eRwanda.