19 | Ezemidlalo
Friday, 10 October 2025
NGUMQEQESHI wamaJita, uRaymond Mdaka.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
ULUBALUBELA ukuqhubeka nokucija AmaJita (SA U/20) uRaymond Mdaka ohole lesi sikwati saphuma kwiLast 16 yeNdebe yoMhlaba yeFifa ka-U/20 eqhubeka eChile.
Lesi sikwati sithole izifundo zamahhala zikanobhutshuzwayo sinatshiswa yiColombia ngo-3-1, okwenze yadlulela kuma-quarter final lapho izobhekana khona neSpain ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni.
Emuva kokuphuma kwamaJita kulo mqhudelwano, uMdaka utshele abezindaba ukuthi usezolinda abaqashi bakhe iSafa ukuzwa okuzokwenzeka ngekusasa lakhe.
Uthe kusenzima ukwamukela okubehlele njengoba iColombia ibingaphezulu kakhulu kwabo kulo mdlalo abagcine sebelandela izithunzi kuwona.
NGU-NEO Rapoo (3), ebukela uCarlos Sarabia weColombia edukisa ozakwabo, uLazola Mako (15), noThato Sibiya.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nokho uthe kuningi abakuzuzile ngokuba yingxenye yalo mqhudelwano, kubalwa nesipiliyoni ethimbeni labaqeqeshi nakubadlali.
"Sishayeke umdlalo uqala. Sizamile ukubuya ngesikhathi uqhubeka, kepha kwangalunga. Ngiyaqonda ukuthi izitha zethu bezilwenze kahle ucwaningo ngathi.
"Zivele zazivala zonke izintuba esidlala ngazo, okwenze abadlali bethu bagcina sebenza amaphutha enkundleni. Lokhu esikufundile kuzosisebenzela ngomuso," esho.
Uthe ubunzima ababhekane nabo kulo mdlalo bucishe bufane nalobo ababuthola bedlala neFrance - eyabehlula ngo-2-1 - esigabeni samaqoqo.
"Sizoqhubekela phambili nalokho esikufundile," esho.
UFletcher Lowe-Smythe ongunozinti wamaJita, ukhale ngokwehluleka kwabo wukuziveza enkundleni.
Naye uhambe emazwini kaMdaka, wathi bewunzima kakhulu umdlalo abawugijime neColombia nabawudlale neFrance.
* Kakuzange kube yifu elimnyama kumaJita kuphela emaqenjini ase-Afrika, njengoba neNigeria ibhudluzwe yi-Argentina ngo-4-0.
Isiyonke imidlalo yamaQuarter final imi kanje:
NGOMGQIBELO
Spain vs Colombia 20h00.
Mexico vs Argentina 23h00.
NGESONTO
Morocco/ South Korea vs Italy/ USA 20h00.
Norway vs France 23h00.