15 | Imibono
Friday, 10 October 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
UMchunu uthi akumqwashisi okuzovela kwikhomishini kaMadlanga:
Nkosi Ndovela:
UNESIBINDI uma kungekhona ukuziqinisa.
Bukani Agreement Zungu:
KUZOMKHATHAZA kanjani vele esebenzela uhulumeni obolile, ovikelanayo?
Phela uRamaphosa uzomvikela since aba nesandla ekutheni angene esikhundleni.
Sfiso Mholi Khuzwayo:
UYAZI ukuthi akukho okuzokwenzeka kuyena.
Busisiwe Zulu:
UNAMANGA lona. 😥
Ntobeko Khumalo:
UNEMBEZA udla umnikazi.
Lucky Malevu:
ANGAKHATHAZEKA kuphela uma singakhipha i-ANC emandleni. Vele uyazi ukuthi akukho okuzokwenzeka. Vele kulo hulumeni yizigebengu zodwa, ngisho umengameli wayo uqobo. So yini engamkhathaza vele?
Uyazi uvikelekile. Ngathi ngisho nalo Kati engenandaba?
Nkonyaneyenkosi Nkunzemyama:
INDABA yalo iqala ePhalaphala. Kweqiwa imingcele kuyolandwa abantshontsha amadola lingekho necala elalivuliwe, batalajwa kabuhlungu, icala lavulwa sebethunjiwe beqiswa imingcele.
Thinnielorraine Mntambo:
LE nto yokuziqinisa akekho ongayazi, noma ubani kulelo phushana olenzile, uyaziqinisa nje. Wazi kahle ukuthi esifubeni kugijima ama-horses omjaho. Uvalo lubelesele.
Akenisbongise Bernard:
KUFANELE. Angithi uyazi ukuthi i-ANC izomvikela.
Nompumelelo Portia:
IMIGULUKUDU kayinabo onembeza, vele ayikho into entsha.
Ntuthuko Bonginkosi Ngubane:
UFANELE, uzitshela ukuthi konke ukukhohlakala kwakhe kuzoshabalala ngokushesha, kanti ugejile.
Qhubokuhle Mduduzi Ntuli-Mnyango:
VELE usikompilo lwakwaKhongo-lose lolo. Akekho ongazi eSouth Afrika ukuthi izigebengu zakhona kazinanembeza.
Phakathi Sbusiso:
Hamba mfanakithi uyochaza. Sikhathazekile thina.
Thobekile Maqubukana:
UNJE. Likhehla elimoshelani vele, umbono ombi. Lo muntu emdala abe yisigebengu nje.
Basathi abantwana umkhulu
kasbanibani yisigebengu akuvakali kahle.
Langa Innocent:
UNAMANGA ngeke asho ukuthi ukhathazekile, why akekho ophendulana ne-media.
Bongy Ngcobo:
UZOKHATHAZWA yini ngoba uyahola nje but kusazomshubela. Ngimbekil uNdonga.
Nokukhanya Khumalo:
INKULU into ayithembile.🤸🤸🤸
Mpumeh Khoza KaMalanda:
THULA Macingwane. Sobona ngosuku oyovela ngalo kwiMadlanga. Le nto yakho yokugijimela ukuchaza izogcina isiyinkinga nakuwena uqobo. 😂