14 | Imibono
Friday, 10 October 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
I-ActionSA ifolose ngowodumo lokulwa nezidakamizwa kwiTV kwesobumeya:
Samantha Smith:
Usethengwe ngamaBhunu, abonile ukuthi usendleleni yawo, uyapha- zamisa. Uzoba wumphuphe-ke manje kwipolitiki. Indlala ngiyayesaba.
Gugulethu Khulekani Gumede:
Waze walona ikusasa lakhe ngokuzifaka kwipolitiki!
Uzoyibona ukuthi yimbi kanjani ipolitiki, ayikhona lokhu okubona uma ungaphandle. Once waba ngaphakathi kujika yonke into.
Thulesazi Engasholutho:
WAVELE wayilahla-ke Mashobane mfowethu, wakhohliswa yilabo somathuba ngoba kwakhetho lolo ngeke baluwine. Uma beluwinile kusho ukuthi wena uzoba nomsebenzi for 5 years.
Sydwell Siyabonga:
ANGITHI sebefuna ukumvala umlomo angakhulumi. Phela asikhohliwe ukuthi omunye wabo watholakala esigamekweni.
Lubanzi Mabaso:
NGIYAYESABA imali iyadayisana. UJehova wathuma uJona eNinive waya eThalashishi wagwinywa yinhlanzi waphuma. La akuyi lubuyayo.🤞🤞🤞
Thami Hlongwana:
MHLAWUMBE uqale wabheka umthethosisekelo weqembu ukuthi uthini ngakwenzayo, wabona kuyibona aba-ryt kunabanye otsotsi.
Masondo Lindsay:
WEEEE. Kubheda lapho-ke ukuthi ajoyine ipolitiki.
Dr Mapholoba medication media:
Wavele walahla i-channel.
Mzukulu KaMkhulu NoGogo:
DUDU ngamandla akhe. Uzobanjwa ngama-Code of conduct nama-Act akhathale-ke manje, phinde ashaye is'pani.
Mlekeleli Mbongise Madonsela:
UZOBAFUNDA abaqonde abantu baseMzansi ukuthi kabanendaba nezwe, kodwa amaqembu ethu.
Elihle Njoman:
UBHAYIZILE-KE la, bekumele athule emkhankasweni esimazi ngayo, la akhumbule ukuthi sekulula ukumvulela amacala okuzothiwa uwenzile.
Gezindaba Zipho Sondiya Olindiya:
IYONA ndlela yokumbamba ngqi angalwisani nenkohlakalo. Kodwa ngoba akaphoqiwe, kulungile.
Sibahle KaShandu:
KWIPOLITIKI angakhohlwa wukuthi bazombulala noma yinini.
Magcwabe Kasingela Mkhize:
HHAWU! Waze wakusukela ukufa.
Shasie Hlophe Mteshane:
SEBEYOMFAKA amabhanisi emlonyeni, bese eyahhema into engayi ndawo.
Lindani Mashoboda Msweli:
KUPHELILE ngaye. 😩
Sizah Sizah:
BAGCINE bemtholile. Hhawu kuphelile.
Malusi Shobede:
Mnxm sekubhedile-ke bahleka bodwa otsotsi. 😡
Nokukhanya Khumalo:
KUKHONA okunuka santungwana. Thina simdinga kuSizokuthola, angineme nje ngesinqumo sakhe.
Xolani Cele:
SELUZOBHEDA lolu hlelo iSizokuthola.