13 | Izindaba
Friday, 10 October 2025
ISHAYE IZULE noZandile Tembe
Ingihlabe umxhwele, yawenza umsebenzi esimweni sezulu esingesihle...
LENA yimoto elungele isiphithiphithi sansuku-zonke, engakuniki izinkinga esiminyaminyeni sezimoto ekubeni yonga uphethiloli okwenza ibeyiphupho labashayeli abaningi.
Nakuba iSuzuki Grand Vitara ingekho ohlwini lwezimoto ezithengwa kakhulu emikhiqizweni yezimoto zakwaSuzuki, ithathwa njengezincintisela phambili ohlotsheni lwama-compact SUV.
Ezimotweni zakwaSuzuki, iGrand Vitara yehlulwa yiSwift, iFronx ne-Ertiga. Kuyaqondakala-ke lokhu ngenxa yokuthi iGrand Vitara kayidle ngamandla enjini, kayikuhehi lokhu kwesimanjemanje, igabe nje ngenani elihle kwencintisana nazo (ama-compact SUV), ngokunethezeka nokusebenza kwayo kalula ezidingweni zansuku-zonke.
Sengibe nenhlanhla yokushayela izimoto ezahlukene zakwaSuzuki kanti ngingasho ukuthi iGrand Vitara kakukho okutheni engihlabe umxhwele ngakho, ngaphandle kokonga uphethiloli.
Ngiyishaye ngalibangisa maphakathi neKwaZulu-Natal, iningi lethu eliyiteketisa ngeMidlands, uma sesiqhosha.
Kube nomthelela omuhle lokhu ngoba ngithole ithuba lokuyishayela emzileni u-N3 lina izulu, kunesiminyaminya, ngaphinde ngayishayela obhuqwini nasemgwaqweni ongemuhle. Lokhu kusiza ekuyitholeni kahle imoto ukuthi ibamba kangakanani, namandla ayo esimeni esingesihle sezulu.
Iwenzile umsebenzi, ngabuyelwa yithemba ngeGrand Vitara. Umgwaqo ubumubi kanti nginqwamane nezingozi eziningi ngenxa yemvula, futhi ngike ngacishe ngangenwa yimoto ngemuva ebiza ngejubane, indlela okube lula ngayo ukubalekisa imoto ngenxa ye-steering esilula (power steering) namabhuleki abambayo, kuyancomeka.
Iqhubekile yahamba ngendlela encomekayo lapho sengihamba obhuqwini nasemigwaqweni ebinemigodi namajika.
Izibani zayo zeXenon yeLED zingikhanyisele kahle indlela ezindaweni ezingenawo amalambu omgwaqo. Ukuphepha kwayo kuyenza ibe yimoto ongayisebenzisa nsuku-zonke, uphinde uthathe uhambo olude nabathandiweyo bakho.
Inama-airbag anele wonke umuntu emotweni nasezicabheni zangaphambili, awu-6 esewonke. Le mixhantela yezokuphepha kuyo yenze ngaxola ngamandla agqozayo kuyo, impela ibibubula ibhadi uma uke wayinyathela ukusuka ku-100 kuya kuya ku-120.
Uphethiloli ungamalitha awu-5,6 ku-100 wamakhilomitha, ine-4.2inch touchscreen lapho uthola khona umsakazo, uxhume ne-bluetooth ku-Android Auto ne-Apple CarPlay.
Kanti uyakwazi ukushaja (charge) umakhalekhukhwini wakho ngekhebuli nangaphandle kwayo.
Inezibuko ezizivalekelayo lapho uyidumisa noma uyicisha kanti uyakwazi ukuyivula nokuyikhiya ngaphandle kokusebenzisa ukhiye.
Izihlalo zayo zonke ziyindwangu kanti inesikhala esanele nangemuva sokulula imilenze. Ibhuthi (boot) layo lingamalitha awu-310.
Uma ungumuntu othanda ukushayela ngesivinini esiphansi, uzoyithokozela, kodwa uma uthanda ukuqinisa kuphethiloli, izokukhathaza endleleni. Yimoto efanele umuntu ongajwayele ukuba nezindlela eziphuthumayo, nemihlangano nezindlela ezinde.
Ikhwalithi yomsakazo ingejwayelekile, uma uthanda ukudlala umculo uzwe wonke amanothi nemisindo yezinsimbi ezahlukene, ngeke ukuthole lokho kwiGrand Vitara.
ISuzuki Grand Vitara 1.5 GL ibiza u-R358 000, ungayikhokhela isikhathi esifika ezinyangeni eziwu-72, lapho ungakhokha kusukela
ku-R4 900 nge-interest ka-10.32% okusho ukuthi ubheke enanini lika-R473 419 wesikweletu.