12 | Izindaba
Friday, 10 October 2025
Kulobe
uMenzi Jele
Ezempilo
Kuvikela nonina womntwana ezifweni ezifana nomdlavuza webele...
UBISI lwebele lungenza ingane ikhule iphilile.
INHLANGANO iWorld Health Organization (WHO), ithi kubalulekile ukuncelisa ingane ubisi lwebele. Ithi okungenani ingane yincelise ubisi lwebele izinyanga eziwu-6 zokuqala njengoba linomsoco, futhi ingane encela lona mancane amathuba okuthi ithole izifo ezithathelanayo njengesimungumungwana, utwayi, uzagiga, nokuhanjiswa isisu.
"Ukuncelisa ingane ubisi lwebele kuyenza isondelane nonina, kuqinisa amathambo, futhi kwenza ikhule masinyane. Nokuncelisa ingane kwenza unina avikeleke ezifeni ezahlukene, njengomdlavuza webele nokwenyuka komfutho wegazi.
"Ngokwejwayelekile ingane incela ize ibe neminyaka emibili, kodwa kukhuthazwa ukuthi incele ubisi lwebele izinyanga eziwu-6 zokuqala empilweni yayo," kusho isitatimende
Ongoti bathi ngaphambi kokwethula ubisi lwethini emntwaneni, mncelise olwebele okungenani izinyanga eziwu-6.
Kuthiwa ukuncelisa ingane kungaba nezihibe kwabanye abathola ingane okokuqala. Kubalulekile nokudla ukudla okunomsoco uma uncelisa, ugweme utshwala nezidakamizwa uma usancelisa.
Uma ungumuntu osebenzayo, ingane ungayincelisa ekuseni nantambama. Akulona icala ukuncelisa ingane ibele uma uphakathi kwabantu noma usezikhungweni ezinjengemitholampilo.
Kukhona abahlengikazi ababelethisayo, abangakweluleka ngezindlela ezilungile zokuncelisa ingane.
#IMITHOMBO YIWORLD HEALTH ORGANIZATION.
menzi.jele@ilanganews.co.za.
#IMITHOMBO YIWORLD HEALTH ORGANIZATION