11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 10 October 2025
Uma kukhulunywa ngepentshisi kushiwo umuntu onje. Wamuhle ntombi yase-Afrika kwangathi uyabukisa. Uyaliphephezelisa ifulegi laseNingizimu Afrika ngobuhle, usimele mbalenhle. Kwangathi ngingakuvalela ebhodleleni ubukwe yimina kuphela.
Uyaliphephezelisa ifulegi🇿🇦🇿🇦lakuleli ngobuhle...
Lo gojasi nguFaith Nketsi waseGauteng. Ungumuntu ophila ntofontofo njengoba ethanda ukuhambela amazwe. Yi-influencer le eke yaba nohlelo lwayo kumabonakude oluthi, Have Faith.
Wamuhl' umuntu madoda!♥️
Nkosazane kunenkulumo esalayo la. Engikucelayo nje kuwe yithuba lokuzocambalala lapho esihlabathini nawe. Kukhanya kwelanga ngifuna ukukwenza ungqongqoshe wempilo yami, 🤔🤔hhayi futhi wena ufanelwe wukuba ngumengameli wempilo yami. Ngiyazicelela ukuthi ungilawule noma ungangidonsa ngekhala ngingadonseka le nto enhle le...💕💕💕