10 |  Ezikaqedisizungu 

Friday, 10 October  2025

Woza Nazo Mzala

Image

 Waze wane-drama Tshedi...

 KANTI uTshedi Mholo owayecula neMalaika ukhula nini? UMzala ubone i-video yakhe ephazamisa uzakwabo esesiteji nentokazi entsha eseyangena esikhaleni sakhe, eyiphuca
 i-microphone.

Kanti wayephumelani kuleli qembu uma esafuna ukuba yingxenye yalo? Kudala uMzala ewabona amaqembu ehlukana, kodwa akukaze kube
ne-drama enje!

Ntokazi ngoba unephimbo elihle kungani ungagxili ekuphembeni umculo wakho wedwa ngoba phela kuyacaca awuzimisele ngokubuyela kwiMalaika, uthanda ukuba ne-drama nje kuphela.


Image
Image

 Nalokhu obukuvezile kuseyingxeye yombukiso yini? 

UMZALA akasiye umuntu ofundisekile ngezinto zemfashini kodwa lokhu okwenziwe nguPhupho Gumede kwiParis Fashion Week, kumshiye ebambe ongezansi.

Kodwa-ke phela amazwe awefani, ngiyazi ukuthi eNingizimu Afrika bebezokusho ngawo wonke amagama, kodwa ngoba ubuphesheya kwezilwandle ngine sure bakuthandile.

Awutshele mina ngitshele abanye, yini le ekugqugquzele ukuthi uveze umnsinsila? Cha ungangizwa kabi angikhonondi....kodwa nje ewu hhayi...


Image

 Hhayi SK abujwayeleki kahle ubuso bakho obusha 

UMANDOZA wake wathi "Indoda ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke".

Impela wayeqinisile, uMzala ubebuka umlingisi uSK Khoza obesethe ukunyamalala nasezinkundleni zokuxhumana evumbuka esithubeni, eseshintshe nendlela abukeka ngayo.

He...he...he hhayi bo le nsizwa ivele yashefa yonke intshebe, yashiya amadevu, kwavele kwangathi yila maphoyisa akudala. LOL😆😆😆.

Kulungile ndoda asibonge ukuzithintitha kwakho kodwa hhayi awuzame ukukhulisa leya ntshebe yakho yakudala, kunzima ukukujwayela kulobu buso obusha osunabo.