09 |  Izindaba

Friday, 10 October  2025

Kulobe 
 uPhumlani Gama 

Izindaba

 Kufundiswe izitshudeni nomphakathi ngezimo zezulu

Lokhu kwenziwe ngenhloso yokuhlomisa abantu bakwazi ukugwema nokumelana nezinhlekelele ezidalwa wukushintsha kwemvelo

BAHLONYISWE ngolwazi lokugcinwa kwemvelo nokuqonda kabanzi ngezimo zokuguquguquka kwesimo sezulu abafundi baseMfolozi TVET College, eBhambanana eJozini.

Inhlangano eyengamele ukuphathwa komasipala kuleli iSouth African Local Government Association (SALGA) ngokubambisana noMkhandlu waseJozini, ihlangane nabafundi namalungu omphakathi ngenhloso yokubacobelela ngamaqhinga okubhekana nezimo ezingezinhle ezidalwa wukushintsha kwesimo sezulu.

Image

YINGXENYE yezisebenzi zoMkhandlu waseJozini  ebeziyokhombisa izitshudeni zaseBhambanana TVET College ngokusebenza kwezicishamlilo.

 Lo mhlangano ubusekwe nangeminye iminyango kahulumeni. Kuleli kolishi kufundiswa ngamakhono ahlukene okubalwa kuwona nomkhakha wezolimo, izifundo ezihambisana nemboni yezokwakha neminye imikhakha.

Image

Izisebenzi zeSALGA kuzwelonke naKwaZulu-Natal zinikezele ngolwazi olwahlukene oludingwa ngabantu abasha namalungu omphakathi.

UMasipala waseJozini wona ufike nengxenye yezinsiza-kusebenza ezisetshenziswa uma kucishwa umlilo oyaye uqubuke uma kunezimo ezithile.

UMnu Delani Mabika onguSomlomo walo mkhandlu uthe okukhulu kakhulu wukuhlomisana ngolwazi ukuze abantu bakwazi ukubhekana nokugwema izinhlekelele emakhaya.

"Emakhaya kunenkolelo yokuthi kalingeni izulu uma kutshalwe isihlahla somvongothi. Okubalulekile kakhulu wukuthi sithole amacebo okugwema izinkinga zokubheduka kwezinhlekelele kubantu abafunde bagogoda kulo mkhakha.

"Abafundi nathi siwumphakathi sibuye saqwashiswa nangokubaluleka kokugwema ukulahla imfucuza noma ngabe yikuphi. Abadala bethu bayaye bethi ulwazi lungamandla," kusho uMabika.

UNkz Masibulele Buthelezi ongumfundi kulesi sikhungo, uthe babuye bafundiswa nangezindlela zokugwema ukusabalala komlilo uma kwenzeka uqubuka.

"Ulwazi engiluthole lapha ngizokwazi ukuthi ngilusebenzise nasekhaya ngoba phakathi kokunye esitshelwe khona wukuthi kubalulekile ukuthi umuzi nomuzi uhlale unamathuluzi okunikezela ngosizo lokuqala uma kwenzeka kuvela izimo ezingaholela ekutheni kuvalwe umuzi ngoba kuvele isimo esingesihle," kuphetha uNkz Buthelezi.

 phumlani@ilanganews.co.za