08 | Izindaba
Friday, 10 October 2025
IMBOKODO izocobelelana ngolwazi ngezinto ezahlukene eziyithintayo, kubalwa ezemali, ukuzinakekela njalo njalo.
Kubalulekile ukuthi abesifazane baziqonde izigaba zempilo asebekuzo.
Thandi Zondi
IKHUZA ibuya ingqungquthela ebizwa nge-The Menopause Summit, egxile ekuhlomise-ni abesifazane ngokungabasiza uma sebefike esigabeni sokukhula, i-menopause.
Lesi yisigaba owesifazane afinyelela kusona lapho amaqanda esuke engasayikhiqizi i-hormone ebizwa nge-oestrogen ngendlela eyejwayelekile. Lokhu kuba nemithelela ethile emzimbeni wowesifazane.
Lo mcimbi uzoba ngoMgqibelo ngomhla ka-18 ku-October, eLa Collezione, eMhlanga.
NGUDKT Sibu Lubelwana ohlela umcimbi ozosiza abesifazane abangena esigabeni se-menopause nasebekuso.
UDkt Sibu Lubelwana (osesithombeni esingenhla), ongudokotela wabesifazane futhi ongumhleli walo mcimbi, uthi uyinkundla yokwabelana kwabesifazane ngolwazi kwabadlula kulesi sigaba nezazi zezempilo.
Echaza ngeMenopause Summit, uthi ukubone kubalulekile ukuba nenkundla enjengalena ukuze abadlula kulesi sigaba, babone ukuthi kababodwa, futhi bangazizwa bebandlululeka.
"Lo mcimbi ngonyaka owedlule ube yimpumelelo enkulu, okukhomba ukuthi siyadingana singabesifazane. Sizobe sinabesifazane abadlula kwi-menopause, izazi zezempilo, abezomthetho, nabazosi-hlaziyela ukuthi singazinakekela kanjani.
"Khumbula ukuthi kuningi okushintshayo kowesifazane uma befika kulesi sigaba. Sizobheka ukuthi uzibona kanjani izimpawu, okokwelapha ongakusebenzisa nokuthi ucathula kanjani kukho konke odlula kukhona," kuchaza uDkt Sibu.
Kuzoba khona nogxile kwezobuhle (image consultant), ozochaza ngokushintsha komzimba nokuthi ungazinakekela kanjani.
Ummeli ozochaza ngezinkontileka zemisha-do kanjalo nama-sexologist kwazise nenko-nzo yasekamelweni nayo ibalulekile. Umeluleki wezezimali uzochaza ngokubaluleka kokuhlela ezempesheni nokonga.
"Ngimema wonke umuntu wesifazane ukuthi asondele nganeno ukuze aqonde ukuthi kwenzekani kuyena, futhi leli kuzoba yithuba lokuhlangana nabanye besifazane abadlula esimweni esifanayo," kuchaza uDkt Sibu.
Phakathi kwezimenywa ezinohlonze, singabala kuzona UDkt Sibongile Mashaphu, uSolwazi Boitumelo Phakathi, uDkt Mpume Zenda, noDkt Nomandla Tsibiyane. Amathikithi alo mcimbi atholakala eQuicket (www.quicket.co.za).