06 | Izindaba
Friday, 10 October 2025
NGAMALUNGU eqembu iStimela, akhiphe ulozolo lwe-album.
Iqembu iSitimela likhiphe i-album entsha
Amalungu eqembu athi izinkakha zalo esezalala, bezinawo ngokomoya ngesikhathi kuqoshwa.
Thandi Zondi
OWEQEMBU lomculo lomakadebona iStimela, uthi umoya wezinkakha zaleli qembu ezingasekho emhlabeni, ubunabo ngesikhathi beqopha umsebenzi wabo wakamuva.
Uthi lokhu kufakazelwa wukujiya nezincomo zobumnandi be-album yabo esihloko sithi, Through the Storm, eyethulwe ngokusemthethweni ezindlini zokusakaza eGoli ngenyanga eyedlule.
USam Ndlovu echaza ngale album, uthe: "Abantu bawuthokozele umsebenzi, bayawuncoma kakhulu nakuma-social media. Lokhu kuyakhombisa ukuthi siwupheke unyaka wonke, sazinika isikhathi.
"Besinejoka elikhulu emahlombe ethu lokugcina igama leStimela liphezulu," kuchaza uSam ojoyine leli qembu ngo-2010, elandwa nguRay Phiri osashona.
IStimela sigubha iminyaka ewu-45 sasungulwa
Leli qembu ligubha iminyaka ewu-45 lasungulwa kulo nyaka, lazakhela ugazi kubathandi bomculo ngamanoni esingabala kuwona athi, Zwakala Nganeno, Phinda Mzala, Whispers in the Deep, Sishovingolovane, A Song Tells A story namanye.
USam uthi kumele bazibuze ngeqhaza okumele balibambe njengoba sebehlale iminyaka emingaka kule ndima.
"Kumele sibe yizwi lesizwe singajabulisi nje abantu kuphela. IStimela selokhu sasungulwa besingagcini ngokujabulisa abantu, kepha besiyizwi lesizwe, nathi siqhubeka lapho ngoba umzabalazo awukapheli, uyinto eqhubekayo."
Ebuzwa ukuthi kulishaye kangakanani iqembu ukushona kwezinkakha ezifana noRay Phiri, uMnca Mtshali noNana Coyote ezayingxenye yokusungula leli qembu uthe: "Sishayekile kakhulu.
"Kunezikhathi lapho uma senza amalungiselelo sishaya izingoma ebesizicula ndawonye, bekuvele kubuye usizi. Abafowethu bebephathisiwe kulo msebenzi, bebefana nabaphrofethi besizwe.
"Ngenxa yomsebenzi abawenza kwiStimela, bekwenziwa yonke imizamo yokuthi iqembu lingashabalali. Basishiye nobizo nomyalezo othi, 'ningajiki madoda'," esho.
Uthi abantu abakhona kwiStimela ngabantu abasha, kepha abafundisiwe ngaleli qembu nezindlela zokuziphatha nezimiso zalo. Kule album entsha uthi akukho abakushintshile, kepha basebenzisane nomculi osemusha, okungu-Unathi Mankayi engomeni ethi, Ixilongo.
Amalungu asekhona manje nguSizwe Mashinini, uMpho Kodisang noSibusiso Mgwenya. Phakthi kwezingoma ezintsha kukhona ethi, More Than Just a Man, When Does It Stop, Africa niMoja nezinye.