05 | Izindaba
Friday, 10 October 2025
NGUSALIWA Ndunakazi
Mthokozisi Dlomo
noPhumlani Gama
BAKHALE ngokubhoboka kwamaphakethe abahleli bomcimbi iNdonisaliwa Music Festival obekulindeleke ukuba ubanjwe kule mpelasonto kodwa wahlehliswa ngemizuzu yokugcina emuva kokumenyezelwa kosuku lomngcwabo kaMnu Nathi Mthethwa obeyinxusa laseNingizimu Afrika eFrance.
Lo mcimbi wezelamani zakwaNdunakazi eDondotha, kwesaKwaMthethwa eMpangeni ezingamaciko endimeni yomculo kamaskandi, uNdoni noSaliwa, obuzokuba senkundleni yezemidlalo iSiyabonga Sangweni Sports Complex kusasa ngoMgqibelo, uhlehliselwe impelasonto ezayo yomhla ka-18 kwephezulu endaweni efanayo.
UMasipala uMfolozi, uveze ukuthi yiyona kuphela inkundla ekhona ebingakwazi ukusingatha umngcwabo kaMthethwa okuyisizathu esenze lo mkhandlu wafinyelela kulesi sinqumo.
Ekhuluma naleli phephandaba uSaliwa, udlulise ukuxolisa kubona bonke asebephazamisekile ngokuhlehla kwalo mcimbi, wathi isimo besingaphezulu kwamandla.
"Silimele kakhulu kodwa ngoba isifo kasihlelelwa, yinto ezifikelayo. Njengezingane ezakhele ubukhosi bakwaMthethwa, esikutsheliwe sikwamukele ngezinhliziyo ezimhlophe. Umuntu odlulile ngowasebukhosini, kanti futhi ubesebenzela uhulumeni ezingeni likazwelonke," esho.
NGUSALIWA Ndunakazi, imeya yaseMfolozi uMnu Xolani Bhengu noNdoni Ndunakazi.
Uthi okuningi okuyizinhlelo bese kuphothuliwe.
"Kunezinkampani zonogada ezisuka kude ebese zibhukhe izindawo zokulala, ukuzoqala ukulungiselela usuku lomcimbi. Ekhaya kwaNdunakazi bese kuhlatshwe ngisho inkomo, okumanje ihleli kuziqandisi (cold-room)," kusho uSaliwa.
NGUSALIWA Ndunakazi.
Uthi abanye abaculi bese bebakhokhele ingxenye yemali abaqashwe ngayo kanti abanye abantu besebethenge amathikithi, okuphoqe ukuthi bababuyisele imali yabo ngoba benezinye izinhlelo ngempelasonto ezayo.
Ufongqe isigqoko kozakwabo endimeni yomculo abese beqinisekisile ukuthi bazokuba yingxenye yomcimbi ukungabahlamuki. Unxuse nabantu abesebethenge amathikithi ukuba bawagcine, wathi azosebenza nangempelasonto ezayo, wakhuthaza nabebengakawathengi ukuphuma ngobuningi ukuyowathenga.
UMasipala uMfolozi ukhiphe isitatimende uxolisa ngokwenzekile. Lo mkhandlu uphinde wazibophezela ekutheni uzoweseka umcimbi ngazo zonke izinsiza ezidingekayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi uba yimpumelelo.
Lo mcimbi ufolose ngolozolo lwamaciko okubalwa kuwona uMthandeni SK, uKhuzani, uGatsheni, uNtencane, uBahubhe, uMenzi, uMjolisi, uJumbo, uGandaganda, uGqizile nabanye abaningi.