04| Izindaba
Friday, 10 October 2025
NGUNKK Ella Mokgalane oyisikhulu esiphezulu seSace, obethula umbiko phambi kwekomidi elibhekelele imfundo eyisisekelo ePhalamende ngamacala aphenywa yile nhlangano.
Ababhekelele ezemfundo bakhathazekile 'ngamabhoklolo' othisha besilisa ezikoleni
Abesilisa yibona abahamba phambili emacaleni okuhlukumeza ngokushaya ozakwabo nabafundi ezikoleni zakuleli.
Thandoluhle Ngubo
INHLANGANO eyengamele ukusebenza kothisha, iSouth African Council for Educators (Sace) iveze ukukhathazeka ngesibalo "seziqhwaga" zothisha, ikakhulukazi abesilisa abahamba phambili emacaleni okuhlukumeza ngokushaya ozakwabo nabafundi ezikoleni zakuleli.
Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi uNkk Ella Mokgalane oyisikhulu esiphezulu seSace, ethula umbiko phambi kwekomidi elibhekelele imfundo eyisisekelo ePhalamende ngamacala aphenywa yile nhlangano kunyakamali ka-2024/25, oqale ngo-April wonyaka owedlule kuya kuMarch wakulo nyaka.
UNkk Mokgalane uthi kulo nyakamali kubikwe amacala awu-283 okushaya, awu-257 abikwe ngabafundi abashaywe ngothisha, kanti awu-27 abikwe ngothisha abashaywe ngozakwabo.
Uthi esewonke amacala abikiwe awu-606, awu-127 ahlobene nocansi bese kuthi awu-196 ahlobane nokuhlukumeza, ukungagcinwa kwemithetho yomnyango, nokungaziphathi ngendlela kothisha. Uthi izifundazwe ezihamba phambili ngamacala yi-Western Cape, iGauteng neKZN.
Uthisha uyephucwa isitifiketi asuswe nasohlwini lothisha uma ebhekene necala lokudlwengula
"Othisha besilisa yibona abasolwa kakhulu ngamacala, awokushaya nokuhluleka wukuziphatha. Ukusetshenziswa kwenduku ezikoleni yikho okuseyinkinga njengoba amacala amaningi okushaya ebikwa ngabafundi abasuke bejeziswe ngenduku.
"Angikugcizelele ukuthi izinyathelo ezithathelwa othisha zehlukene ngokobucayi bamacala abo. Uma icala lilibi (njengelokudlwengula umfundi namanye okushaya) uthisha uyephucwa isitifiketi, asuswe nasohlwini lothisha abangakwazi ukusebenza.
"Kulawa angekho bucayi kakhulu uyaye amiswe noma akhokhiswe inhlawulo. Inhloso yethu enkulu wukuthi sivikele abafundi nothisha ezikoleni," esho.
Eqhuba uthi kunyakamali ophelile baphothule ukuphenya amacala angaphezu kuka-400, awu-98 kuwo ngamacala amasha, kwaxoshwa othisha abawu-36. Ugqugquzele othisha ukuba bahambele izinhlelo zabo lapho abasuke bebakhumbuza indlela yokuziphatha emsebenzini.
Uthi ukwanda kwezigameko zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane yikho okwenza bakhethe ukugqugquzela kakhulu othisha besilisa ukuba baziphathe ngendlela ehloniphekile.
USihlalo wekomidi uNkz Joy Maimela, uzwakalise ukukhathazeka ngokunganqandeki kwezigameko zothisha abagila imikhuba ezikoleni.
Uthi ukholwa wukuthi iSace kumele iqinise isandla ezinyathelweni ezithathelwa labo abalahlwe ngamacala. Inhlangano i-Equal Education Law Centre, ithi lezi zibalo ziyakhathaza kakhulu.
Ithi ikholwa wukuthi ziningi izigameko zokuhluku-mezeka kwabafundi ezikoleni ezigcina zingabikwa-nga ngenxa yokungafundiswa kwabo ngemigudu efanele okumele bayilandele uma bebika amacala. Ithi ikholwa wukuthi kumele kube nezigcawu zokufundisa abafundi ukubika uma behlukumezeka.