03  | Izindaba

Friday, 10  October 2025

 Uyakhula umdlalo ogqugquzela inhlanzeko ematekisini

 Usukapakele nangaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika

 
Abahleli bawo bathi udala ubumbano embonini yamatekisi eyaziwa ngobudlova...

Image

Skhosiphi Mthembu 

UKUDALA ubumbano embonini yamatekisi, nokushumayela ivangeli lenhlanzeko, yikhona okugqugquzele impumelelo yomdlalo wamanzi, okhombisa ukukhula nokuthokozelwa ngabaningi eNingizimu Afrika nangaphandle.

Lokhu kuvele engxoxweni ekhethekile nomunye wabasunguli balo mdlalo KwaZulu-Natal, uMnu Nzuzo Mthethwa, ngokubambisana nomfowabo uMnu Sandile Mthethwa, owaziwa kakhulu ngelika-K Wabantu ezinkundleni zokuxhumana.

Image

 NguMnu Sandile Mthethwa, owaziwa ngelika-K Wabantu ezinkundleni zokuxhumana nemoto yakhe iTik Tok esiwole imiklomelo emdlalweni wamanzi.

Lo mdlalo wokugabisa ngenhlanzeko yetekisi nomshayeli wayo usukapakele nangaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika, kanti ubonakala ukhula ngesivinini esikhulu.

Abantu bakhombisa ukuwuthokozela ngenxa yokuhleleka kwawo nangendlela oba yimpumelelo ngayo ezindaweni owenzeka kuzona.

Ngokujwayelekile, lo mdlalo wamanzi ubanjelwa ezindaweni nasezifundazweni ezahlukene. Ngempelasonto yangomhla ka-19 kwephezulu, lo mdlalo uzobe ubanjelwe KwaNyuswa, kwesaKwaXimba, enkundleni yezemidlalo iManzolwandle.

Image

Ekhuluma naleli phephandaba uMthethwa, uthi inhloso yawo wukudala ubumbano embonini nokugqugquzela ukuhlanzeka kubashayeli bezimoto okuyibo abasebenza ngazo ukuthutha umphakathi.

Uveze ukuthi lo mdlalo waqalwa wumshayeli owaziwa ngoBen 10 ebambisene nowesilisa owaziwa ngoZethembe, onendawo yokuwasha izimoto eGoli. Uthi uK Wabantu wabe esekhetha ukupenda enye yezimoto njengamanje edume kakhulu ebizwa ngeTikTok, ngenhloso yokuba angenele lo mdlalo.

Image

Uthi njengamanje le moto isiwole izindondo eziwu-8. Uthi kwabe sekuwukuqala kwawo lapha eKZN.

Emasontweni adlule umdlalo wamanzi ubonakale uqopha umlando njengoba uphume okokuqala kuleli wabanjelwa eSwazini.

Eqhuba uMthethwa, uthi lo mdlalo wamanzi usudale ukuzwana phakathi kwabantu abasembonini yamatekisi ngisho nangaphandle kwesifundazwe.

"Abantu abaningi uma becabanga imboni yamatekisi bafikelwa wudlame, ngakho inhloso yethu wukuletha lo mdlalo lapha ukuba sidale ubumbano. Okunye wukuthi sigqugquzele abashayeli bezimoto ngenhlanzeko.

"Uma ungabuka abashayeli bakudala nabashayeli esikhathini samanje, uyawubona umehluko ngoba kulo mdlalo kubhekwa nayo indlela umshayeli wetekisi agqoka ngayo nokuhlanzeka kwakhe. Lokhu sikubona kwenzeka ngempela ngoba ngisho abantu abaqhamuka e-Eastern Cape, eMpumalanga, eGauteng nabalapha eKZN bayazana futhi kunobumbano njengoba bazana kuwona umdlalo wamanzi.

Image

"Lokhu kuyasikhuthaza nathi ukuba siqhubekele phambili. Kuyasithokozisa ukubona ukukhula kwalo mdlalo. Sike sathola  isimemo ngisho eSwazini nalapho waba yimpumelelo eyisimanga umdlalo.

"Indlela owaba yimpumelelo ngayo, bebefuna sibuye kuwona lo nyaka. Omunye obe yimpumelelo ubuKwaMsane, eMtubatuba, lapho abantu bebephume ngobuningi," esho.

Uveze ukuthi lo mdlalo kawugcini nje ngamatekisi kuphela kodwa nabezimoto ezincane nabo bavumelekile ukuba yingxenye yawo. Uthi kayikho imigudu elandelwayo kodwa uma umuntu ezethemba ngemoto yakhe ukuthi ihlanzekile ngokwanele angaba yingxenye yawo.

Uphethe ngokuthi isifiso sabo wukuthi lo mdlalo ukhule uze ufinyelele ezingeni lapho isifundazwe ngasinye sizokhipha imoto ezosimela. Ube esecela abantu ukuba baqhubeke nokuvotela imoto iTikTok emncintiswaneni wokuwina imoto.

Uthe abantu bangavota ngokuthumela ngamagama amakhulu athi, TIKTOK ZN enombolweni ethi: 4415.