02 | Izindaba

Friday, 10 October 2025

Ezifingqiwe


01


UMengameli uDonald Trump nesixazululo eGaza

Image

UMENGAMELI waseMelika, uMnu Donald Trump (osesithombeni), usengenelele ekuxazululeni impi esidlule nemiphefumulo eminingi eGaza, njengoba abakwa-Israel nebutho leHamas, lasePalestine bebambene ngezihluthu.

Kube nemihlangano e-Egypt, kwavunyelwana ngokuthi kukhululwe bonke abasePalestine ababoshiwe, futhi iGaza, esiphenduke ishashalazi lempi, ibuyiselwe esimeni esijwayelekile, impilo iqhubeke ebantwini bakhona.


                  02


Image

Kukhunjulwe umufi uMnu Nathi Mthethwa eThekwini

I-AFRICAN National Congress (ANC), esiFundeni saseThekwini, ibambe inkonzo yesikhumbuzo sobeyinxusa laseNingizimu Afrika, eFrance, uMnu Nathi Mthethwa (osesithombeni), ngoLwesine.

UMthethwa, uzofihlwa ngeSonto, KwaMbonambi, ngaseMpangeni, njengoba amalungiselelo okumngcwaba ngokwezinga likahulumeni eqhubeka.

I-ANC eThekwini, ithi ihlonipha uNyambose (uMthethwa), ngoba wazabalaza eKlaarwater, eMariannhill, ngeminyaka yo-80's nama-90's. Waba nangusihlalo we-ANC Youth League, waphinde waba ngunobhala wayo futhi esiFundeni saseThekwini.

Inkonzo yokumkhumbula ibisePinetown Civic Centre.


03


Ushukumise izwe uJenene uMkhwanazi kuleli sonto

Image

NGUKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, ushiye amalungu ekomidi lesikhashana ePhalamende, ebambe ongezansi ngezinto abezidalula njengoba ebevele kulo izinsuku ezimbili.

UNdonga (uMkhwanazi) ubefakaza ngezinto azisho ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba ngomhla ka-6 kuNtulikazi (July) nonyaka.

Ukhombe abaholi abathile be-ANC, wathi bagxambukela, futhi baphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

Ubale nelungu leDemocratic Alliance (DA), ePhalamende, uNkk Diane Kohler-Barnard, wathi ladedela ulwazi oluyimfihlo emphakathi-ni, okufanele lugcinwe ngamaphoyisa kuphela.

Uthe leli lungu leDA ngokomthetho kwakufa-nele lithathelwe izinyathelo.


04


Ivalwe thaqa inyuvesi iFort Hare

INYUVESI endala futhi enomlando i-Fort Hare, eseDikeni (Alice), e-Eastern Cape, kuphoqeleke ukuba ivalwe ngenxa yezibhelu nodweshu, okuqubuke khona.

Izitshudeni zivuke umbhejazana, zashisa amabhilidi ngemuva kokuthi ezinye zidutshuliwe ngoLwesithathu emini.

UNdunankulu wase-Eastern Cape, uMnu Oscar Mabuyane, ngoLwesine, ujube abaholi bezenkolo nabomphakathi, ukuba bangenelele kutholakale isixazululo ezinkingeni ezigubuzele lesiya sikhungo semfundo ephakeme.

Kujutshwe uMnu Andile Mini, owayengumfundi khona eFort Hare, ukuba ahole ithimba elizoxazulula. Izitshudeni ziyalelwe ukuthi ziphume emagcekeni esikhungo ngehora lesi-5 ntambama ngoLwesine.

UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela, ukuncomile ukungenelela kukaMabuyane, ezinkingeni zaseFort Hare.