20 | Ezemidlalo
Friday, 10 July 2026
KUZOKUBE kubhekwe abagadli uHarry Kane we-England no-Erling Haaland weNorway uma la maqembu esetholana phezulu ngeSonto.
UMGADLI we-England uMorgan Rogers uthipha ukaputeni wezakhe uHarry Kane ukuvelela uma sebedudulana neNorway kwiQuarter-final yeNdebe yoMhlaba yeFifa eqhubeka eMelika, eCanada naseMexico.
Umdlalo walawa mazwe uzokuba ngoMgqibelo ngo-23h00 eMiami. INorway igabe ngo-Erling Haaland ohlohla amagoli sengathi uyabukisa selokhu kuqale lo mqhudelwano. Umbango womshayimagoli ozodla ubhedu kulo mqhudelwano uphakathi kwalaba bagadli kanye noLionel Messi wase-Argentina kanjalo noKylian Mbappe waseFrance.
NGUMGADLI we-England uMorgan Rogers.
Nakuba uRogers emethemba uKane kodwa uyavuma ukuthi bazothwala kanzima ukumelana noHaaland ongumgadli ongacushwa ngisho nasekilabhini ayidlalelayo e-England, iManchester City. UHaaland usehlohle amagoli awu-7 kwindebe yomhlaba njengoba eqala kulo nyaka ukuyigijima.
"UHaaland ungumdlali onekhono elibabazekayo, izinto azenzayo namagoli awashayayo kuyazikhulumela ukuthi ukwelinye izinga. Nokho sizokwenza konke okusemandleni ukumgoba," kusho uRogers.
NGU-JUDE Bellingham edlala esiswini kwi-England.
UHaaland usehlohle amagoli kuyona yonke imidlalo ewu-14 esemthethweni yeNorway. Useyibhakuzisele amagoli awu-27, okubukeka kuzokuba yinselelo enkulu ezitobheni ze-England ezibuye zivuze.
URogers uthi unethemba lokuthi uKane uzokwazi ukuthwala i-England kulo mdlalo njengoba ekholwa wukuthi usesezingeni eliphezulu kakhulu njengamanje.
Omunye umdlali oyisethenjwa se-England nguJude Bellingham (23) oyibamba nasesiswini seReal Madrid yaseSpain. Ungomunye wabadlali abavelele kwi-England selokhu kuqale lo mqhudelwano osubheke ovuthondabeni. NoBellingham uyawashaya namagoli uma ephambi kwamapali.
NGU-MARTIN Ødegaard ongesinye sezethenjwa zeNorway.
Isiyonke imidlalo yamaQuarter-final yeNdebe yoMhlaba yeFifa imi kanjena:
NGOLWESIHLANU
Spain vs Belgium 21h00.
NGOMGQIBELO
Norway vs England 23h00.
NGESONTO
Argentina vs Switzerland 03h00