17 | Ezemidlalo
Friday, 10 July 2026
KUFAKAZELEKE amazwi omqeqeshi weBafana Bafana, uCassius Mailula ephikwa yizinto eMelika.
Mfanafuthi Ndlovu
UYANYANISWA nebuya kwiMamelodi Sundowns uCassius Mailula owashiya kuleli ngo-2023 evutha bhe, wajoyina iToronto FC edlala kwiMajor League Soccer (MLS) yase-United States of America. Ukuhamba kwalo mdlali kwahlatshwa kwahlikizwa ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, ekhala ngokuthi kalukaqini kahle ukhakhayi lwakhe ukuthi usengayodlala phesheya.
Nangempela kwafakazeleka amazwi ale nkakha yomlolongi njengoba uMailula alahlekelwa nayindawo kwiBafana kwazise ubesephila ngokwebolekiswa emakilabhini ahlukene. IToronto eyamsayinisa inkontileka yeminyaka emithathu enombandela wokuyelula ngomunye uma zombili izinhlangothi ziseneme, kayimsebenzisanga okutheni lo mdlali njengoba esebuya kwiWydad AC yaseMorocco lapho ebeqeqeshwa khona nguRulani Mokwena, kanti kamuva ubesebolekiswe kwiKV Kortrijk yaseBelgium.
NGU-CASSIUS Mailula ngesikhathi ebolekwe iWydad AC yaseMorocco. Lapha wayegadulisa uTijjani Reijnders weManchecter City emdlalweni weFifa Club World Cup.
Ngasekuqaleni kwale nyanga uhlale phansi nabaphathi beToronto, kwavunyelwana ngokuthi sinqanyulwe isivumelwano njengoba bekucaca ukuthi akekho ezinhlelweni zayo, osekumenze wabonakala izikhawu emahhovisi eSundowns ukuyozama ukubuyisa udumo azakhela lona ngesizini agqama ngayo ebholeni lakuleli, eqokwa ukuba yiYoung Player of the Season ngo-2022.
UBUYISIWE ukuzolwela indawo yakhe kwiMamelodi Sundowns u-Ismail Watenga, obebolekwe iLamontville Golden Arrows.
Kuzo ezamaSandawana, le kilabhu eqeqeshwa nguMiguel Cardoso yemukele u-Ismail Watenga ongunozinti obebolekiswe kwiLamontville Golden Arrows ngesizini edlule. Kuvele nezindaba ezithi uKobamelo Kodisang olihlikihla esiswini, umphathi wakhe uMike Makaab, uzama ukumkhipha kule kilabhu ukuyomzamela indawo kwenye indawo, njengoba ehlushwa wukulimala eChloorkop, okumenze waphenduka ifenisha.