15 | Imibono
Friday, 10 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Ubulawe elungiselela umngcwabo womyeni abemdivosa
Masja Mthanti:
KUYENZEKA. Ziningi izindlela zokubizwa. Baningi bedlula belele, uthi uyavuka umuntu usethule engabulawanga muntu. Manje ngoba kufe indoda, sekuzothiwa inkosikazi yiyo eyibulele.
Lulonke Nkosii:
UMYENI ufe ngengozi yemoto.
Dakamnyama Nyameka:
OH YINI bawo! Kwakubi emhlabeni esiphila kuwona. Thethela Somandla!
Nomazizi Njikili:
HHAYI kunzima ngempela emhlabeni.
Sindiswa Prince:
Kubuhlungu kodwa uNkulunkulu ukhona. Umndeni mawubeke ithemba kuyena, kuzolunga.
Qana Kanza:
BAFUNA imali yomyeni.
Nospumze Ntoshy Maguyembe:
HAWU kodwa Jesu!
Zinhle Zungu:
HHAYI kunzima. Sizofela izinto esingazazi. Saze sasha thina bafelokazi.
Cindy Mpanza:
YINI? Bekusolakala umakoti yini ngokufa kwendoda?
Sibu Nxele:
AMAQILI abafazi, ubengeke asukelwe.
Lizzy Lizzy:
Isihluku esingaka, kaze izingane zona ziphephile na?
Gcins Caleb:
MINA ngisola inkantolo yasehlathini.
Zanele Magwaza:
MMHHH Nkosi!