02 | Izindaba
Friday, 10 July 2026
01
Kujatshulelwa ukwehla kukaphethiloli nodizili
NGENYANGA ezayo ka-August, u-petrol nodizili, kulindeleke ukuba kwehle ngo-R2, ilitha.
Lokhu kushayelwe ihlombe yizinhlaka ezimele abathengi, ngoba zithi kuzosuka ijoka emahlombe abanikazi bezimoto.
U-petrol nodizili, kwenyuka kusukela ziqala izinxushunxushu zaseMiddle-East, njengoba kuhlaselwe i-Iran, okuyizwe elikhiqiza uwoyela omningi emhlabeni.
UMnyango kaMnu Gwede Mantashe, wezokuMbiwa naMandla, eNingizimu Afrika, kuze kwadingeka ukuthi ungenelele, uxegise intengo yezinto ezithinta uwoyela kuleli zwe.
02
Kwethulwe abawu-300 abazosiza
ekulweni nobugebengu eMgungundlovu
BAWU 300 abantu abasha abaqeqeshelwe ukusebenza namaphoyisa, iminyango kahulumeni wesifundazwe, izimboni ezizimele, ukulwa nobugebengu nokuphucula impilo yabantu baseMgungundlovu.
Bethulwe ngoLwesine, emcimbini obuselokishi-ni KwaCaluza, ohlelweni uMgungundlovu District Municipality Multi-Stakeholder Anti-Crime Council.
Bazosebenza nalezi zinhlaka ekulweni nobugebengu ukudala amathuba emisebenzi, ukulwa nobubha nokuletha intuthuko emphakathini. Ukwethulwa nokwamukelwa kwalaba bantu, bekusingethwe yiPhini likaMengameli wezwe, uMnu Paul Mashatile.
IMeya yaseMgungundlovu District Municipality, uMnu Mzi Zuma, ithe ngalolu hlelo kuzoxoshwa amakati abeselala eziko emindenini eminingi.
03
UJulius Mkhwanazi kolunye utaku
ISIKHULU samaPhoyisa kaMasipala waseKurhuleni, esisamisiwe, uJulius Mkhwanazi (osesithombeni esingenhla), iMenenja kaMasipala, iMogen Mashazi, iNhloko yoPhiko lwezoMthetho kuMasipala, uKemi Behari noMphathi waKwaNdabazabantu kuMasipala, uLinda Gxasheka, bebevele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston, ngoLwesine ekuseni.
Bathweswe amacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokwedelela ingalo yomthetho.
UMkhwanazi uboshwe ngoLwesithathu, evele engaphandle ngebheyili ka-R30 000, ngenkohlakalo ethinta owayeyimenenja kaMasipala waseKurhuleni.
UBehari, noGxasheka, bona kuthiwa bagwazelwa ngo-R600 000 ngo-2023, ukuze ukuqondiswa ubugwegwe kukaMkhwanazi, okwakufanele kube khona, kunyathelwe ngezinyawo.
04
Imibhikisho ezindaweni ezehlukene
INHLANGANO elwa nokubakhona kwabokufika abangenamvume kuleli, iMarch and March, ibe nemibhikisho eMgungundlovu, eLamontville, naseMthwalume izolo ngoLwesine.
EMgungundlovu amalungu eMarch and March, ngoLwesine ekuseni agasele ezitolo zabokufika, kuPietermaritz Street. Aphoqe ukuba izitolo zabokufika abangenamaphepha okuba kuleli, abangahambile, zivalwe ngoba bethi zidayisa ukudla osekuphelelwe yisikhathi.
Umholi weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, ubehola umbhikiso eMthwalume. Uthe njalo ngoLwesine kuzoba nemibhikisho ezweni uhulumeni uze ubalalele abantu.
NaseLamontville, eThekwini, abantu bakhona bavale imigwaqo bethi abokufika abasasele mabahambe.