20| Ezemidlalo

Friday, 10 April 2026

OweBarca akavumi ukuphonsa ithawula ngeChampions League


Ukhala ngekhadi elibomvu elinikwe isitobha sakhe

Image

NGUMQEQESHI weBarcelona, uHansi Flick.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBarcelona yaseSpain uHansi Flick, uthi akuvumi aliphonse ithawula emuva kokuba ezakhe zishaywe yi-Atletico Madrid ngo-2-0 emlenzeni wokuqala weSemi final yeChampions League ngoLwesithathu ebusuku.

IBarca igqemeke engeqiwa ntwala, kukhishwa ngekhadi elibomvu isitobha sayo, uPau Cubarsi ngesiwombe sokuqala. Uthole leli khadi emuva kokudlalisa kabi umdlali we-Atletico, uGiuliano Simeone, obesethubeni lokushaya igoli. 

Ngaleli phutha likaCubarsi, i-Atletico ithole i-free kick, yathathwa nguJulian Alvarez, wayibeka phakathi. Elinye igoli lize no-Alexander Sørloth obengene ngesiwombe sesibili.

UFlick uthi akuvumi aliphonse ithawula.
"Sakhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo, yize bese sishoda.

"Basigijimisile bona, kodwa ngeke ngiliphonse ithawula, kangivumi, basithole kabi sesishoda,'' kusho uFlick.

Image

NGUNOMPEMPE, u-Istvan Kovacs waseRomania enika isitobha seBarca, uPau Cubarsi ikhadi elibomvu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mayelana nekhadi elibomvu elitholwe nguCurbasi, uthe: ''Omunye unondweba ubengeke alikhiphe leliya khadi.

"Kangikholwa wukuthi lo muntu odlaliswe kabi ubesengowokugcina ebheke emapalini ethu, beyisekhona ikhava, nebhola belingemuva kwakhe.

"Kodwa-ke sizothini, kufanele sibheke umzuliswano wesibili ngelizayo, sikhohlwe ngokunye,'' kusho uFlick.

Umlenze wesibili uzokuba ngoLwesibili ngo-21h00, ekhaya le-Atletico.

Isiyonke imidlalo ye-English Premiership ngempelasonto, imi kanje:-
NGOLWESIHLANU:
West Ham vs Wolves 21:00.
NGOMGQIBELO
Arsenal vs Bournemouth 13:30.
Brentford vs Everton 16:00.
Burnley vs Brighton 16:00.
Liverpool vs Fulham 18:30.
NGESONTO
Crystal Palace vs Newcastle 15:00.
Sunderland vs Tottenham 15:00.
Nottm Forest vs Aston Villa 15:00.
Chelsea vs Man City 17:30.
NGOMSOMBULUKO
Man United vs Leeds 21:00.

* EyeSpanish La Liga

NGOLWESIHLANU
Real Madrid vs Girona 20:00.
NGOMGQIBELO
Elche vs Valencia 15:15.
Barcelona vs Espanyol 17:30.
Sevilla vs Atletico Madrid 20:00.
NGESONTO
Osasuna vs Real Betis13:00.
Real Mallorca vs Rayo Vallecano 15:15.
Celta Vigo vs Real Oviedo 17:30.
Athletic Club vs Villarreal 20:00.
NGOMSOMBULUKO
Levante vs Getafe 20:00.

* EyeFrench League 1:-

NGOLWESIHLANU
Paris FC vs Monaco 19:00
Marseille vs Metz 21:05
NGOMGQIBELO
Auxerre vs Nantes 19:00
Rennes vs Angers 21:05
Nice vs Le Havre 17:15
NGESONTO
Toulouse vs LOSC 17:15
Lyon vs Lorient 20:45