19 | Ezemidlalo

Friday, 10 April 2026

Image

NGUMQEQESHI weDurban City, uPitso Dladla.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Bashaywe yiSundowns basongela i-Arrows


Umqeqeshi uthi bazoxoxa nodokotela mayelana nesimo sesitobha sakhe esimqoka

Mfanafuthi Ndlovu

BAFUNA ukuvuka ngomkhaya babo abeDurban City ezovovana inkani neLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

I-City iya kulo mdlalo nje, ihlulwe yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 koweligi ngoLwesibili ebusuku eChatsworth Stadium, eThekwini.

UPitso Dladla opheka iCity, uthi kufanele bawunqobe kumnyama kubomvu umdlalo we-Arrows kwazise bazimisele ngokuqeda besendaweni ehloniphekile kwi-log.

Uthi umphumela womdlalo weDowns sebewudlulisile, sekufanele baqhubeke nempilo kwazise iseyinde indlela esazohanjwa.

Image

NGABADLALI beCity

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

"Umdlalo wethu ne-Arrows umqoka ngendlela eyisimanga, kufanele siwunqobe ngoba yiwona esifuna ukuvuka ngawo njengoba sisanda kwehlulwa yiSundowns.

"Siphoxekile ngokuhlulwa yiSundowns ekhaya kwazise inhloso yethu wukuthi kungaphumi lutho ekhaya.

"Kodwa-ke sesidlulile kulokho, sesibhekene lo mdlalo womkhaya manje,'' kusho uDladla.

Uthi basazokuba nomhlangano omqoka nethimba lodokotela bekilabhu ukubheka ukuthi uMfanafuthi Mkhize oyisitobha, ukulungele yini ukudlala njengoba enokuthinteka.