16 | Ezemidlalo

Friday, 10 April 2026

Image

NGURELEBOHILE Mofokeng oyisilomo sePirates.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

OweBucs uveza okufanele kwenziwe kuRele ukuze avuthe kakhulu


Uthi ikhono lakhe lehlukile kwelabanye abadlali

Senzo Sokhela

UVEZA okufanele kwenziwe kuRelebohile Mofokeng ukuze adlulele kulokhu ayikho u-Abdeslam Ouaddou ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ezobhekana neRichards Bay FC koweBetway Premiership namuhla ngo-19h30 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

IBucs iya kulo mdlalo nje, isefomini emangalisayo njengoba ithela induku kokumi phambi kwayo.

Okubabazisa kakhulu abathandi bebhola ngeBucs, yifomu yakamuva kaMofokeng oseshaye amagoli awu-5 emidlalweni emibili eyedlule.

Ushaye amathathu iBucs ilobola iTS Galaxy ngo-6-0 koweligi ngenyanga edlule - ngaphambi kwekhefu leFifa - wahlohla amabili ibhubhudla iLamontville Golden Arrows ngo-5-0 ngoLwesibili kusihlwa e-Orlando Amstel Arena, eSoweto.

Image

NGUMOFOKENG enomqeqeshi wakhe, u-Abdeslam Ouaddou.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ephawula ngalo mdlali u-Ouaddou, uthe: “Kangiyena umqeqeshi othanda ukukhuluma ngomdlali ngayedwana ekilabhini yakhe, ngoba ibhola lidlalwa yiqembu, hhayi umuntu oyedwa.

"Kodwa kulokhu, isimo siyangiphoqa ngoba engikubona kuMofokeng kakujwayelekile.
Lolu hlobo olunjena (lomdlali) luqhamuka kanye emuva kweminyaka ewu-10 kuya kwewu-15, luyivela kancane.

"Ikhono lakhe lehlukile kunelabanye abadlali, elakhe lisegazini. Usemncane, usadinga ukunikwa izeluleko, acijisiswe ukuze adlulele kulokhu ayikhona manje.

"Ngesinye isikhathi uma unalolu hlobo lwabadlali, liyahlukunyezwa ikhono labo.
Kuwumsebenzi wethu ukumvikela ukuze angagcini esehlukumezeka, asetshenziswe ngokweqile ngenxa yekhono lakhe eliyivela kancane," kusho u-Ouaddou.