15 |Β Izindaba

Friday, 10 April 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Akeneme ngokungaxhaswa wuhulumeni ukuyokweseka iBafana. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

NGUMAMA Joy, okuthiwa sichithiwe isicelo sakhe sokuba akhokhelwe uhambo lokuyobuka iWorld Cup.

01


Bheki Vilakazi:
Uphambene, bazomtshela abangamesabi.

02


Mzala wezwe lonke MWL:

Umama kabani vele lona?

03


Mbali Gumede:

Ubesefuna ukubuya nenye indoda?🀞🀞🀣🀣🀣

04


Andreas Spikitjo Maphiwana:

Kanti yena uyokwenzelwa kuze kube yinini?

05


Bongy Masondiya Dlaminie:

Akakhokhe azihambele. Kungani ehlala efuna okwamahhala? Noma kungathiwa bayaqhubeka noxhaso, nabanye abantu bayafisa ukuhamba. Makushintshwane. πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚

06


Mzamo Brian:

Awudedele thina manje. Uryt kakhulu wena, sewathola nendoda ekuhambeni.

07


Sindie Nzzua:

Asiyingeni thina, vele asikaze sikhokhelwe lutho.

08


Nkosinathi Thusi:

Benze kahle banqabe ukumxhasa. Makahlale ekhaya agade abazukulu lo gogo, ayeke ukuzula.

09


Mandla Mngomezulu Spikitjo:

Sesikhathele vele yizalukazi. Selokhu zavezwa ko-TV sengathi inkulu into ezisenzela yona siyi-SA. Phansi amatende, niyeke ukuphapha lokhu okuniphethe!

10


Ntando Mdletshe:

Uyalayeka, sewacab' ithambo wajwayela. Makahlale ekhaya agade abazukulu bakhe.

11


Cebo Bukhosini Mabukhosi Kaiso:

Akasimele bakithi sazi abalandeli bangempela thina.

12


Zondi Mthokozisi:

Ziyaphela izinto zamahhala. πŸ˜ƒπŸ˜ƒ

13


Nomthandazo Ndlovu:

Ngangihlezi ngizibuza ukuthi laba bantu imali yokuhamba njalo bayithathaphi, kanti batetemuka bhusende.

14


Sbudah Sbudah Dlamini Mkhize:

Akabuke i-TV njengabo bonke abantu lo mama.

15


Thuli Khawula:

Hhayibo nathi siyafuna ukuthola amakhehla abelungu. Akusinwe kudedelwana. Uzomkhokhela uPapa Joy. πŸ˜‚

16


Mthokozisi Ndlangisa:

Upheka nini yena kwakhe lo mama elibele yibhola?