09 | Izindaba
Friday, 10 April 2026
Intatheli yeLANGA
KUNXUSWA uhulumeni ukuba usukumele indaba yentengo kapharafini emba eqolo eNingizimu Afrika.
Ngeledlule iNational Energy Regulator of South Africa (NERSA), imemezele ukuthi intengo kapharafini yenyuka ngo-R11 elitheni, okwenza ilitha libize ngaphezulu kuka-R35.
Ngokwezibalo zakamuva zeNersa, upharafini ungase uphinde wenyuke ngaphezulu kuka-R10 ekuqaleni kwenyanga ezayo.
UNkz Thokozile Madonko, ongumhlaziyi wezomnotho eWits University, uthi lokhu kuzokwenza impilo ibe nzima kakhulu ezakhamizini zaseNingizimu Afika, ezivele zithwele kanzima ngenxa yezindleko eziphezulu zokuphila.
Uthi kumanje kunabantu abalinganiselwa ku-15 million, ababhekene nobubha ezweni, manje nalokhu okuncane uma bekuthola, sekuzoba nzima ukukubeka eziko.
"Indaba yokwenyuka kukaphethiloli nopharafini, kumele ithathwe njengenhlekelele, ukuze ifakelwe izibuko ngendlela elinganayo nale okwenziwa ngayo ngesikhathi kubheduka iCovid-19," esho.
IMotor Industry Staff Association (Misa), ithi bangaphezulu kuka-1 million abantu abasathembele kupharafini, iningi labo okungabahlala emijondolo nasezindaweni zasemakhaya.
“Kungena ubusika manje. Lesi yisikhathi lapho abantu bebasa khona kakhulu izitofu nezimbawula, ukuzifudumeza. Yingakho kumele uhulumeni ungenelele ngokushesha," kusho uNkk Phakamile Hlubi-Majola, okhulumela iMisa.
Wengeze ngokuthi uhulumeni kumele ufake imali ezindlekweni zikapharafini, ukuze kwehle umthwalo ezakhamizini, ikakhulukazi njengoba
UMnyango weziMbiwayo nemiKhiqizo kaWoyela uthi uyalubuyekeza uhlelo olusetshenziswayo uma kwenyuswa intengo kaphethiloli.
Uthe babheke ukuthi lo msebenzi ube usuphothuliwe ngoNdasa (March) wonyaka ozayo.
Mayelana nentengo kapharafini, uMnu Robert Maake, obhekelele intengo kawoyela emnyangweni, uthe: "Upharafini kawuyikhokhi intela.
"Uhulumeni wenze izaba, waphungula intela i-fuel levy ngo-R3, kodwa ngoba intela kayikho kupharafini, kakukho okungako obekungenziwa.
"Inkinga wukuthi upharafini kubuye kwenziwe ngawo uphethiloli wamabhanoyi.
"Okunye okwenyusa intengo kapharafini, wukuthi izimboni eziningi ezihluza uwoyela bezivalile ngenxa yesimo sezulu, njengoba kade kuwubusika (emazweni aseNorthern Hemisphere).
"Lesi simo sesibe sibi kakhulu ngenxa yempi eqhubekayo eMiddle East."
UMaake uthe bayayibheka neyokuthi abantu abantulayo babonelelwe uma bethenga upharafini, njengoba kwenziwa komasipala uma bethenga ugesi.