08 | Izindaba
Friday, 10 April 2026
Kugqugquzelwa abazali nezakhamizi, basebenzise leli thuba ukuphawula...
Thandoluhle Ngubo
KUHLUKENE imibono odabeni lokushintshwa
kwe-curriculum yesifundo seHistory, kusuka emazingeni aphansi kuya kwawaphezulu.
Ukushintshwa kwalesi sifundo kwaphakanyiswa ePhalamende uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube, ngonyaka owedlule. Kulesi siphakamiso wathi ukushintshwa kwe-curriculum kuzosuka ekugxileni kokufundwa nomlando wasentshonalanga, kufundwe kakhulu ngomlando waseNingizimu Afrika.
Wagcizelela ukuthi umlando wakuleli awuqalanga ngo-1652 ngesikhathi kutheleka uJan Van Riebeeck, kodwa abakuleli babevele bekhona, okuyinto okumele ibe yingxenye yesifundo seHistory.
Kulesi siphakamiso, uNkz Gwarube waphinde waphakamisa ukuthi uma seyishintshiwe
i-curriculum, kuzoba yimpoqo ukuthi wonke umfundi kusuka kwaGrade 4 kuya kwaGrade 12, afunde iHistory.
Kwi-curriculum esetshenziswa manje, kwaGrade 10 uyakwazi ukuqoka ukungayenzi iHistory, wenze ezinye izifundo.
Kuleli sonto, umnyango uvulele umphakathi ukuthi uphawule ngalesi siphakamiso.
USihlalo weKomidi elibhekelele uMnyango weMfundo eyisiSekelo kuleli, uNkz Joy Maimela uthi: "Uma ubheka i-curriculum ekhona, iqala ukufundisa ngemuva kokufika kwabamhlophe kuleli.
"Iqiniso lithi abamnyama babekhona ngaphambi kokufika kwabamhlophe kuleli. Mningi omunye umlando ongafakiwe kwi-curriculum ekhona, othinta elakuleli namanye nje amazwe ase-Afrika. Kubalulekile ukuthi abazali nezakhamizi zakuleli zonkana, zilisebenzise leli thuba lokubeka imibono yalo, liphinde liphawule ngaloludaba. Yonke imininingwane yokwenza lokho itholakala kwi-website yomnyango," esho.
Ezinkundleni zokuxhumana bekuhlukene imibono ngaloludaba. Abanye bathi loluguquko kumele engabe kade lwenziwa, abanye bathi umlando wabamhlophe nokufika kwabo akumele kushaywe ngesithende.
Bathi bakholwa wukuthi kumele yonke imilando ifundwe ngokulinganayo ngoba ithinta izwe lakuleli.