07 | Izindaba
Friday, 10 April 2026
Bafuna ubulungiswa ngowadutshulwa
esiteshini samaphoyisa
Skhosiphi Mthembu
UDUNGUZA ebumnyameni umndeni wowesilisa owadutshulwa washona esesiteshini samaphoyisa, ngoba kuthiwa wayezama ukuphuca isibhamu elinye lawo.
Umndeni kaMnu Sihle Dlamini waseHambanathi, oThongathi, uthi kawazi ukuthi kumele uphume ubheke kuphi ukuthola mayelana nophenyo ngokubulawa kwelungu lawo ngamaphoyisa ngendlele engaqondakali.
UDlamini wadutshulwa wabulawa esigamekweni esenzeke esiteshini samaphoyisa oThongathi, ngo-April wangonyaka odlule, kodwa kuze kube yimanje umndeni uthi kusacwebe iziziba.
Kubikwa ukuthi uDlamini wayeboshwe ngamaphoyisa kulandela ingxabano eyaqubuka phakathi kwakhe nomndeni, wabe eseboshwa.
Amaphoyisa atshela umndeni ukuthi amdubula onyaweni ezama ukubaleka, okwaholela ekutheni ashonele esibhedlela Osindisweni. Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeka likhona ilungu lomndeni kaDlamini.
Umndeni uthi selokhu kwenzeka lesi sigameko kakuze kwenzeke lutho, nephoyisa elithintekayo, liyaqhubeka nokusebenza sengathi akwenzekanga lutho.
UNkz Vuyokazi Zuku, ongudadewabo kamufi, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi selokhu umfowabo ashona, kabukaze benzeke ubulungiswa.
Uthi okubuhlungu wukuthi wayekhona umfowabo edutshulwa, njengoba ethi wayelele phansi, kodwa iphoyisa lamdubula khona kunjalo.
"Kuze kube yimanje kasazi ukuthi kuqhubekani ngecala, amaphoyisa asitshela ukuthi ubezama ukuphuca iphoyisa isibhamu.
"Okusixakayo ngalokhu wukuthi ngesikhathi umfowethu esemakhazeni, wayenokulimala ekhanda, okugcine kuvela ukuthi wayeshaywe ngesidunu sesibhamu.
Wadutshulwa eselele phansi, ebheke phezulu, kodwa iphoyisa lamdubula onyaweni. Ngangikhona ngesikhathi edutshulwa. Akukho lapho ayekhombisa khona ukulwa namaphoyisa, futhi wayengaphethe sikhali," esho.
Uthi umndeni wakhe ukhathazekile ngokucweba mayelana nokubulawa kukamfowabo.
"Okwengeza ubuhlungu emndenini, wukuthi nangesikhathi sesihlela ukungcwaba, ibhange ayethathelwe kulona umshwalense, lenqaba ukukhokha ngenxa yalokhu okushiwo ngamaphoyisa.
"Siyafisa ukuthola ubulungiswa ngokubulawa kukamfowethu. Indlela ayelimele ngayo ebusweni, kuyakhombisa ukuthi washaywa. Nalo iphoyisa elithintekayo, lisaqhubeka nokusebenza yize seliyiswe kwesinye isiteshi," esho.
Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), okuwuphiko oluphenya amacala enziwe ngamaphoyisa, uMnu Phaladi Shuping, uthe seluphothuliwe uphenyo mayelana nalolu daba.
Uthe balungiselela ukuthumela idokodo kwiNational Prosecuting Authority (NPA), ezobe isithatha isinqumo ngalo.