05 | Izindaba
Friday, 10 April 2026
Uhulumeni uphumele obala ngokungaweseki lo mcimbi
Abebewuhambele bakhale ngezithembiso ezingafezekiswanga...
Mthobisi Sithole
BABUYE bedumele abantu emcimbini i-Uvukile Gospel Festival, obusePort Shepstone, ngeSonto ngokungahleleki kwawo njengoba kuthiwa bekupatanisiwe ukuze umcimbi uphumelele.
Abantu abebehambele lo mcimbi okubalwa namanye amaciko, badlulise izikhalazo ezinkundleni zokuxhumana, bethi baphoxekile. Phakathi kwezinto abazivezile, bakhala nge-stage, i-sound, indawo yezicukuthwane nezethembiso eziningi ezingafezekanga endaweni ehlala izicukuthwane.
Lo mcimbi ubhekane nezinkinga emuva kokuba izinhlaka zikahulumeni ziqhelile ekuwuxhaseni.
Okhulumela uMnyango wezamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal, uMnu Ntando Mnyandu, uthi uthe ungqongqoshe walo mnyango uMnu Mtomuhle Khawula, akufanele umcimbi waminyaka yonke uncike oxhasweni lukahulumeni iminyaka engaphezulu kuka-10.
NguPastor Mjosty ongumhleli womcimbi i-Uvukile Gospel Festival, edangalise abebewuhambele ngenxa yezinga eliphansi.
Uthi abahleli bemicimbi kumele bafike esigabeni sokuzimela. Uveze ukuthi kuningi umnyango onganelisekanga ngakho phambilini, obekwenzeka kuwona lo mcimbi.
Utshele leli phephandaba ukuthi imali ebitholwa yilo mcimbi, ibingafani nokuhleleka kwawo. Uthi bekukhishwa imali eningi kangangokuba noMasipala iRay Nkonyeni ubuxhasa ngo-R700 000, wagcina uyehlisa imali waxhasa ngo-R300 000.
"UMnyango wazibophezela ngemali engango-R500 000, uMasipala iRay Nkonyeni wakhipha u-R700 000 nehhovisi likandunankulu lazibophezela.
"Umhleli womcimbi uPastor Mjosty wathengisa amathikithi nawezicukuthwane. Umcimbi kwakumele ubanjelwe oGwini Sports and Leisure, kodwa akwanzekanga lokho kule minyaka edlule.
"UNgqongqoshe uMnu Khawula nezinye izisebenzi zomnyango babekhona emcimbini ngokwedlule, okubalwa neMeya yaseRay Nkonyeni. Uma sebefikile emcimbini, konke okwakulindelekile kwakungesikhona ngoba umcimbi wabanjelwa ehholo, ingekho indawo yezicukuthwane ekubeni ayedayisiwe amathikithi ezicukuthwane.
"Umcimbi wawungahlelekile, ungekho ezingeni lemali oxhaswe ngayo. Ungqongqoshe wazibonela ngawakhe le nhlekelele yomcimbi, okuyilapho eyalele khona umnyango wakhe ukuba uyibhekisise kahle lento yalo mcimbi, futhi kuncishiswe nemali oxhaswa ngayo.
"Lokho-ke besikwenzela ukuthi sivikele imali yabakhokhi bentela ngoba kuwukuqola abantu ukukhishwa kwemali kodwa kungenzeki okulingana nale mali," esho.
Uthi izinga lalo mcimbi liphansi kakhulu uma liqhathaniswa nemali ebikhishelwa wona. Uthi ngeke bavume ukuba kusebenziseke imali yomnyango ngendlela engacacile.
"Uma senza okuyiqiniso, vele kuzosakhela izitha," esho.
Imizamo yokuthola umhleli walo mcimbi uPastor Mjosty ayiphumelelanga, beluvaliwe ucingo lwakhe.
mthobisis@ilanganews.co.za