16 | Ezemidlalo

Friday, 09 January 2026

Image

NGUBANDILE Shandu kamuva nje osephenduke ukudla kwebhentshi kwi-Orlando Pirates.

Sizulelwa ngamanqe isitobha sePirates

'Uzochithelwa' ukuphenduka ifenisha uBandile Shandu kumaBhakabhaka

Senzo Sokhela

LILENGELA eweni ikusasa lomdlali we-Orlando Pirates okuvela ukuthi le kilabhu ingase imchithe uma kuphela isizini, ngenxa yokuthi akadlali.

Inkontileka kaBandile Shandu (30) odlala emuva kwiBucs iyaphela uma kusongwa le sizini. Lo mdlali ujoyine iBucs ngo-2021 esuka kwiMaritzburg United esiyaziwa ngeDurban City, abesehlale iminyaka kuyona.

Ufike kwiBucs isikimu kwangesakhe, edlala ingcwenga yebhola. Nokho kula masizini amabili edlule udonsa kanzima ukuthola ijezi.

Image

Leli phephandaba lithole ukuthi iBucs ingase imdedele uma kuphela isizini. Umthombo weLANGA uthe: "Izingxoxo phakathi kwakhe nekilabhu bezingakaqali futhi kakubukeki zizoqala manje ngoba ihlela ukumdedela.

"IBucs ikholwa wukuthi kule minyaka yakhe yobudala kufanele engabe udlala njalo, yingakho ingafuni ukumbambezela. Kodwa-ke akhona amakilabhu asibhekile isimo sakhe, iDurban City ingenye yawo."

Image

Imizamo yokuthola ukuphawula kweBucs kayiphumelelanga njengoba kuthiwa kusavaliwe emahhovisi ayo.