09 | Ezikaqedisizungu

Friday, 09 January 2026

Bafuna usheshe ucace umehluko uma bengabambisene abeShakes noSingil

Uthi umculo akasoze awuyeka, futhi iqembu lakhe nomfowabo lisekhona
Image

NGU-SHAKES weShakes noSingil

Lucky Cain

ZISAZOQHUBEKA nokuzimela, zikhiphe izingoma ngazodwana izelamani zakwaNgema ezazakhela udumo ngeqembu iShakes noSingil, osekuneminyaka zagcina ukubonakala zikhipha ngokuhlanganyela.

Lokhu kulandela ukuthi uShakes - okunguyena omdala - ekhethe ukuqala unyaka ngokukhipha ingoma yakhe ethi, "Imizamo Yethu".

UShakes uthi empeleni ubengalihlabile ikhefu emculweni, kodwa ubesagxile kweminye imisebenzi ayenza ngaphansi kwenkampani iGalawela Productions.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uthe umculo akasoze awuyeka, futhi iqembu lakhe nomfowabo lisekhona.

"Njengamanje simatasa nezinye izinto, ngiyacabanga ukuthi noSingil kukhona akuphekayo ngasohlangothini lwakhe.

"Kungenzeka maphakathi nonyaka sinqume ukuphinda sihlangane, kube khona esikukhiphela abantu, ukubajabulisa," kusho uShakes.

Image

NGU-SHAKES noSingil.

Uveze nokuthi inkampani yakhe yenza izinto eziningi, okukhona kuzona ukuqopha imicimbi ayifake enkundleni yokuxhumana, iYouTube.

"Sisebenza nomasipala, sisebenze nabantu abahlukene ngaphansi kweGalawela. Lokhu kwenza sibe matasa, kodwa umculo useyingxenye enkulu yenkampani yethu," esho.

Echaza ngale ngoma, uthe iza nesigqi se-Afro soul/house, okuyisona asisebenzisayo uma ecula eyedwa.

"Kubalulekile ukuthi uma ngicula ngedwa kwehluke, ukuze abantu bezokwazi ukubona uma sisuke sesicula sihlangene - kwazise sinesigqi sethu - kanjalo noma sicula ngokwahlukana kufanele kucace," esho.

Iqembu uShakes noSingil like lasebenza nabaculi abadumile, okubalwa kubo uMsawawa noDanger wodumo lweBig Nuz.