06 | Izindaba
Friday 09 January 2026
NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (okwesobunxele), enomkhuzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
Phumlani gama
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, ufuna kuvuselelwe inkontileka yomkhuzi wamaphoyisa esifundazwe, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
Ngomhla ka-30 kuMarch walo nyaka, iyaphela inkontela kaMkhwanazi.
Ihhovisi likaNtuli likhiphe isitatimende esiveze ukuthi ube umhlangano nomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola ngenhloso yokuxoxa naye ngodaba lokuvuselelwa kwenkontileka kaMkhwanazi.
Umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni uqokwa ngokazwelonke, kanti okazwelonke yena uqokwa ngumengameli wezwe.
NGUMKHUZI wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fani Masemola.
UMasemola unegunya lokuqoka umkhuzi wesifundazwe ngokuvumelana nondunankulu waso.
Naye undunankulu unelungelo lokufaka owakhe umbono ngegama lomuntu oqokiwe.
UNtuli uthi kufanele ivuselelwe inkontileka kaMkhwanazi, ngoba ukusebenza kwakhe kubuyisa ithemba ebantwini abaningi kulesi sifundazwe.
Uthe uMkhwanazi usebenza ngokwethembeka, futhi ukuhola kwakhe amaphoyisa kubuyisa ithemba nakuwona amaphoyisa.
"Likhulu iqhaza lomkhuzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe. Ukuba khona kwakhe kuvuselela ugqozi lokusebenza emaphoyiseni nasezinhlakeni zezokuphepha.
"Muhle kakhulu umsebenzi wakhe ekulweni nobugebengu obudla lubi ezindaweni ezahlukene zakulesi sifundazwe, nasekulweni nobugebengu obuhlanganisa ukubulawa kosopolitiki kulesi sifundazwe," kusho isitatimende.