05| Izindaba
Friday, 09 January 2026
Thandoluhle Ngubo
UQINISEKISE ukuthi uzoqhubeka nokushicilela imiphumela ka-matric emaphephandabeni uMnyango weMfundo eyisiSekelo.
Umnyango uqinisekise lokhu ngoLwesithathu ebusuku, yize kunomdonsiswano eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala, phakathi kwawo nenhlangano i-Information Regulator (IR), ngodaba lokushicilelwa kwemiphumela.
Okhulumela umnyango, uMnu Lukhanyo Vanqa, uthi umnyango ubone kufanele ukuba uqhubeke nalolu hlelo njengoba lunomlando, futhi lubalulekile kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika.
"Ukushicilelwa kwemiphumela emaphephandabeni yindlela endala, eyenza kube lula ukuthi imiphumela ifinyelele kubafundi nakubazali.
"Ngakho-ke, sizoqhubeka siyishicilele njengokwesinqumo senkantolo esithi imiphumela ingashicilelwa kusetshenziswa inombolo yomfundi yokuhlolwa, kuthi igama lakhe, yisibongo sakhe, kanjalo nenombolo kamazisi, kungavezwa," kusho uVanqa.
Uthi umnyango uzosiphikisa isinqumo se-IR sokudlulisela lolu daba eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala.
Uthi bakholwa wukuthi kakukho okusha okuzovezwa yi-IR, okungenza inkantolo inqume ukuthi imiphumela mayingashicilelwa.
"Ihhovisi le-IR siyalihlonipha kakhulu, isinqumo sokuphikisa lesi siqumo sisithathe ngoba sikholwa wukuthi sizosiza imindeni eminingi nabafundi abasuke belinde imiphumela yabo.
"Siyethemba futhi ukuthi ekuhambeni kwesikhathi, sizoba nayo indlela yokuxazulula lokhu, sisebenzisane ne-IR.
"UMnyango weMfundo eyisiSekelo uzoqhubeka nokuzibophezela ukulandela zonke izinqumo zezinkantolo zomthetho, futhi uqinisekise nokuthi abafundi bayahlonishwa, nemininingwane yabo igcinwa iyimfihlo," esho.