14 | Izindaba
Friday, 09 January 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: "Isibonakaliso saKwaShembe ngamawele alotsholwe umkanye yinkosi", baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
YINKOSI uNhlanhla Shazi inondlunkulu bayo abangamawele, uSithandiwe noNothando, abazalwa kwaShezi.
Mgnl Senzo:
Waze wajabula lo mbhemu ngeyinkomo ezimbili eyedwa ๐
Mzakes Nyanganduna:
Kumnandi ukuba nemali ngoba uyazitapela la okunone khona ๐
Sibusiso Sonkophe Xulu:
Zina-14 weminyaka, zase ziboniswa indoda ๐ฎ
Freedom Mthiyane:
NAMI ngake ngababuza, bathi bona bayogana indoda eyodwa, abathandi ukwehlukaniswa.
Andreas Spikitjo Maphiwana:
Vele isithembu kumele kube ngamawele, hhayi izingane ezihlukene.
Zendazamshiya Zukiswa:
Cha bakwethu umuntu uma ekhethwa kusuke kuwukuthanda kwakhe, akaphoqwa. Niyathanda ukungena izindaba ezinganifuni. Abantu mababheke izindaba zasemakubo, hhayi azasemizini yabantu.
Bonginhlanhla Mpungose:
ย Azomhlanganyela la mawele.
Zamokuhle Msweli Nongalo:
Yimi leyo ndoda.
Sanele King G Ncwane:
Nincisha izingane ilungelo lokuthi zijabulele ubungane. Ziyothi uma sezifeba, zifuna ukuyodansa nezinye izingane, bese niyazithuka.
Skhumbuzo M'fesi Ngema:
Mina angiliboni icala uma azikhethela wona.
Mlungisi Mgenge:
Ngangikhona la kwaMahleka. Hhayi ngangiyiqala le nto ukuyibona yenzeka!
Ernest Nhlangoti:
Kukhona abasakholelwa ezibonakalisweni kuleli zwe? Hhayi siyababongela bo ๐๐