13 | Izindaba
Friday, 09 January 2026
UKUGUQUKA kwesimo sezulu nemigwaqo engemihle ezweni lethu, kunomthelela ongemuhle ezindlekweni zomshayeli.
Amathayi yiyona kuphela ingxenye yemoto ethintana ngqo netiyela noma ubhuqu, okusho ukuthi kubalulekile ukuwagcina esesimweni esiwulungele umgwaqo ukuze uphephe, futhi unethezeke.
Nayi imibuzo nezimpendulo ezibhekana nabasebenza ngezimoto, kanti uMnu Sibonelo Myeni we-Imoto Online, usicobelele ngolwazi olungasiza abashayeli abaningi.
Kumele uwashintshe kangaki amathayi emoto yakho?
"Okubaluleke kakhulu wukuzijwayeza ukubheka olayini bamathayi akho, iningi likubiza 'ngempandla' lokhu, okuwukuthi yingabe sisakhona yini isikhala kulayini osethayini noma seliyashelela nje, okungafuneki.
"Uma lezi zikhala sezingasabonakali, sekuvela nezintanjana zocingo (wires), usuke ungasaphephile.
"Kubalulekile ukuvakashela izitolo zamathayi ezinemishini yokukubhekela lokhu," kuchaza uMyeni.
Shintshanisa ukusebenza kwamathayi emotweni ukuze asebenze ngokulingana. Izimoto ezidonsa ngaphambili, lapho injini isebenzisa amathayi aphambili kuphela, zisheshe ziphelelwe ngamathayi angaphambili kunawangemuva.
Uyalulekwa ukuwashintshanisa la mathayi ukuze nangasemuva asebenze. Kubalulekile ukwenzelwa ngochwepheshe ukuze bakwenzele i-alignment, bakubhalansisele amathayi akho (balancing).
Izindawo ezisemthethweni ziyakwazi futhi ukufaka amathayi ngendlela ngoba nokuwashintshanisa kakwenziwa noma yikanjani.
- Kumele ubheke iminyaka yamathayi akho
Njengezinhlaka nemixhantela yemoto edinga ukushintshwa njalo, namathayi nawo anesikhathi esikaliwe.
Ngokwenjwayelo, nokuya ngohlobo lwemoto, amathayi akulungele ukuba semgwaqweni iminyaka ewu-6.
Ithayi libhaliwe unyaka elikhiqizwe ngawo nosayizi walo, kanti kubalulekile ukukubheka lokhu ukuze ubone ukuthi uthenge ithayi elidlulile esandleni sabakwaSABS, ukuqinisekisa ikhwalithi yalo.
Okunye ongakubheka - ukubona ukuthi liwufanele umgwaqo - wukubheka izinombolo ethayini, lezi zinombolo zichaza usayizi ngobubanzi nobukhulu balo.
Lezi zinombolo ungathola ukuchazeleka kabanzi ngazo ezikhungweni ezidayisa, futhi zifake amathayi emotweni, ngoba zichaza okuningi ngebanga neminyaka ithayi eliwulungele ngayo umgwaqo.
- Yenza ucwaningo olunzulu ngohlobo lwamathayi olunconywa ngabakhiqizi
Okunye okubalulekile ngamathayi emoto, wukwenza ucwaningo olunzulu ngohlobo lwamathayi olunconywa ngabakhiqizi bemoto yakho, futhi ubhekisise neminye imikhiqizo yamathayi asethuthukisiwe, angcono kunalawa afike nemoto ngesikhathi iphuma egalaji.
Gwema ukusebenzisa amathayi akhelwe ukusetshenziwa isikhashana, la mathayi abizwa ngama-biscuit, akhelwe kuphela ukusetshenziswa uma uqhunyelwe yithayi.
Amathayi esikhashana anebanga, yisivinini nesisindo esikaliwe sokuba semgwaqweni, ngakho kubalulekile ukugcina lo mthetho ukugwema ingozi.
Ukuqala konyaka yisikhathi esihle sokushintsha amathayi
Wonke amathayi emotweni kumele alingane womane, wuhlobo oluthile kuphela lwezimoto oluba nosayizi abahlukene ngaphambili nangasemuva.
Khumbula ukuthi imishwalense iyayinqaba i-claim yakho uma kutholakala ukuthi kawulandelanga imithetho efanele ngamathayi emoto yakho, kanti ungeze wasizakala uma ube nengozi namathayi asephelelwe yisikhathi.
Njengoba unyaka uqala, yisikhathi esihle sokushintsha amathayi zingakaqali izindlela zonyaka ukuze uqinisekise ukuphepha kwakho emgwaqweni.