12| Ezempilo

Friday, 09 January 2026

Image

Umzimba uyakwazi ukuzikhuculula ngokwawo

Ukuphuza utshwala ngokweqile kugqilaza isibindi, sisebenze ngokuphindiwe

Thandi Zondi

ININGI uma kuqala unyaka, lithanda ukukhuculula imizimba ngenhloso yokukhipha utshwala nezibiliboco ebezidliwa ngamaholidi kaDecember.

Ukukhuculula umzimba likwenza ngezindlela ezahlukene; esingabala kuzona ukufaka okokukhipha inyongo, nemithi ethile yesilungu, elikholwa wukuthi ihlanza umzimba.

Nokho izazi zezempilo lokhu zikuthatha njengento ewumdlalo nje, ngoba umzimba uyakwazi ukuzikhuculula ngokwendalo.

Isibindi siyisitho somzimba esibhekele ukuhlanza okuwubuthi, esisuke sikudlile noma sikuphuzile; njengamaphilisi, utshwala, wukudla okungenampilo (junk food), nemithi yesintu ngenxa yokuthi inamandla, eminye yayo ingabulala izinso.

Image

Ukuze uqinisekise ukuthi umzimba wakho uyakwazi ukuzikhuculula ngokwemvelo, kumele unakekele isibindi sakho.

Indlela yokunakekela isibindi:

Ukugwema utshwala
Buyingozi emzimbeni, kumele ubugweme noma uphuze kancane. Uma usuphuze utshwala, isibindi kumele kube yiso esibukhucululayo emzimbeni.

Gwema ukudla okungenampilo

Uma uphuza njalo, kusho kuthi isibindi sakho sisebenza ngokweqile ukukhipha utshwala emzimbeni, bese siba sincane isikhathi sokukhipha obunye ubuthi. Ngaphezu kwalokho, isibindi siyalimala uma uphuza ngokweqile.

- Gwema ukudla okungenampilo, ngoba lokho kungadala izinkinga zezempilo, okwenza umzimba ukuthole kunzima ukuzikhuculula ngokwemvelo. Uma udla, kubalulekile ukufaka zonke izinhlobo zokudla, okubalwa kukho istashi, izithelo namaveji.

Image

- Phuza amanzi kakhulu ukuze umzimba ukhuculule ukungcola nobuthi. Zama ukuphuza u-2.5 litre kuya ku-3.5 litre wamanzi nsukuzonke.

- Qikelela ukulala ngokwenele ukuze umzimba ukhiphe ukungcola. Amahora alalwa ngumuntu ngamunye ayehluka, kepha ngokujwayelekile kumele ulale amahora awu-7 kuya kwawu-9, ubusuku ngabunye.

Umzimba unomsebenzi owenzayo ngesikhathi uvukile noma ulele, ngakho-ke kubalulekile ukulala noma uvuke ngesikhathi esisodwa nsukuzonke, ukuze umzimba usebenze kangconywana.

Image

- Zivocavoce: Enye indlela yokukhipha ubuthi emzimbeni, wukujuluka. Ngesikhathi ujuluka, umzimba uyakhucululeka. Ukunyakaza kancane kuyasiza ngisho ufuna ukuzikhulula ngasese.

- Yehlisa ingcindezi. Uma umzimba ungaphansi kwengcindezi, lokho kwenza ubhekane nobunzima bokuzikhuculula.

Ingcindezi engapheli ingaba nomthelela ekukhiqizekeni kwama-hormone, wukusebenza kahle kwamasosha omzimba nokugaya kahle ukudla.