02 | Izindaba
Friday, 09 January 2026
UMNYANGO wezokuThutha usishayele ihlombe isinqumo seNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, sokuchitha ithenda ka-R898 million, eyatholwa yinkampani yaseFrance, i-IDEMIA, yokuhlinzeka iNingizimu Afrika ngomshini wokukhiqiza amakhadi amalayisensi okushayela.
Ngokusho kukaNkk Barbara Creecy (osesithombeni), ongungqongqoshe wezokuthutha, ukuphuma kwalesi sinqumo kukhomba ngokusobala ukuzibophezela komnyango wakhe ekulweni nenkohlakalo njengoba kunguye (uNkk Creecy) owayalela izikhulu zomnyango ngasekuqaleni konyaka odlule, ukuba ziye enkantolo, ziyocela ukuba ivinjwe le thenda njengoba kwakunezinsolo zokwenzelela ekutholweni kwayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini uhlaka lwalo mnyango, iDriving Licence Card Account (DLCA) obelubhekelele le thenda, lwaveza ukuthi luhlele ukusebenzisa u-R486 million, kodwa kwagcina kungenzekanga njengoba i-IDEMIA yaveza ukuthi izimisele ngokwenza lo msebenzi ngemali ephakathi kuka-R762 million no-R898 million.
Lokhu kwadonsa amehlo omcwaningimabhuku-jikelele, owaphakamisa ukuba kwenziwe uphenyo, okwathi uma uNkk Creecy ethatha esobungqongqoshe, walusukumela phezulu lolu daba.
Ngesikhathi inkantolo ikhipha isinqumo, iyalele umnyango ukuba uqale phansi uhlelo lokukhangisa le thenda, bese kulandelwa uhlelo olusemthethweni uma sekuqokwa ozohlomula.
UNkk Creecy uthi bayasemukela isinqumo senkantolo.
"Sibe sesinikwa imvume yokuba umnyango wethu ubambisane nowezasekhaya ukukhiqiza amakhadi amalayisensi, ngesikhathi kusakhethwa ozothola ithenda.
"Umnyango wethu uzimisele ukuqhubeka nokuhambisa izinto ngendlela enokwethembeka," esho.
KUBHEKWE ukuba iNFP icacise ngekusasa likasihlalo wayo KwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga (osesithombeni), namhlanje ngoLwesihlanu, njengoba ibize isigcawu sabezindaba.
Lesi sigcawu selama umhlangano wesigungu esiphezulu, esibe nawo noNkz Shinga izolo ngoLwesine.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuleli sonto, leli qembu liyalele uNkz Shinga ukuba asule ekubeni yilungu lesishayamthetho, futhi asule nasesikhundleni sakhe sokuba ngungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi esifundazweni.
Lesi sinqumo silandela esokuthi isigungu esiphezulu saleli qembu sinqume ukuhoxa ekubeni yingxenye kahulumeni ohlanganise amaqembu esifundazweni.
Sekuwumlando ukuthi uNkz Shinga waphikisana nomyalelo weqembu lakhe ngesikhathi evotela ukweseka undunankulu, uMnu Thami Ntuli, yize lalikubeke kwacaca ukuthi kalisabethembi ubuholi bakhe.
ILUNGU leDA uMnu Mzamo Billy (ongowesibili ukusuka kwesobunxele), lithi lizoxhumana ngokusemthethweni noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uFiroz Cachalia, ukuthola umbiko ogcwele ngamakhamera asemzimbeni, okumele afakwe ngamaphoyisa uma eqhuba umsebenzi wawo, ngenxa yokwanda kwezigameko zokudutshulwa kubulawe abasuke besolwa ngamaphoyisa KwaZulu-Natal.
Kuleli sonto, amaphoyisa akulesi sifundazwe adubule abulala abasolwa abawu-9.
NgoMsombuluko kudutshulwe ababili eMargate, kwathi ngoLwesithathu kwadutshulwa abanye ababili eNanda kanti izolo, khona eNanda, kudutshulwe abawu-5.
Kulezi zigameko, amaphoyisa athi ngabasolwa abavulela ngezulu lezandla kuqala, bese nawo eyaziphindiselela.
Uthe kulezi zigameko uphiko oluphenya amaphoyisa, kumele luphenyisise njengoba sekuqubuke nezinsolo zokuthi omunye wabadutshulwe ngoMsombuluko, uMnu Mlondi Gasela, ubengahlomile.
UBilly uthe i-IPID kumele iziphenye lezi zinsolo.
KULINDELEKE ukuba uMengameli we-ANC, uMnu Cyril Ramaphosa (osesithombeni), athule umhlahlandlela wonyaka wokubuyisa ithemba kumalungu e-ANC enkulumweni yakhe kaJanuary 8, yomgubho weminyaka ewu-114 leli qembu lasungulwa.
Leli qembu lizogubha le minyaka ngaphansi kwezingqinamba ezahlukene, njengoba abantu besaqhubeka nokukhala ngendlela eliphethe ngayo uhulumeni.
Kulo nyaka, le nkulumo izokwethulwa ngesikhathi kulungiselelwa ukhetho lohulumeni basekhaya.
Kuleli sonto amalungu aleli qembu - abephume zinkalo zonke - alibangise ezindaweni ezahlukene esifundazweni iNorth West, ukuyolalela izikhalo zomphakathi ngaphambi kwale nkulumo ezoba sezinkundleni zemidlalo iMoruleng, ngoMgqibelo.