19 | Ezemidlalo
Friday, 09 January 2026
Ubona kuzovuna i-Egypt ukunganikwa lutho yizingqapheli kwi-Afcon
AKAKUGQIZI qakala ukuthathwa kancane kwezakhe yizingqapheli zikanobhutshuzwayo uMohamed Salah ongukaputeni weqembu lesizwe lase-Egypt njengoba ekholwa wukuthi yikhona kanye okuzobanqobisa umqhudelwano we-Africa Cup of Nations (Afcon) oqhubekayo eMorocco.
I-Egypt idlulele kuma-quarter final alo mqhudelwano ngokuguqisa iBenin ngo-3-1 ngoMsombuluko ebusuku, esikhathini esengeziwe. USalah ube yiqhawe eshaya igoli lesithathu okuyilona eliqinisekise indlela ebheke kwi-quarter final, kwazise iBenin ibisingenisa ngamandla, ifuna igoli lokulinganisa ngesikhathi kuwu-2-1.
BAJABULE sengathi banqobe owamanqamu abadlali be-Egypt beguqisa iBenin esikhathini esengeziwe kwiLast 16 ye-Afcon.
I-Egypt izobhekana neCote d'Ivoire kwi-quarter final ngoMgqibelo ngo-21h00. USalah, olihlikihla kwiLiverpool yase-England, uthi ukunganikwa lutho kuyabasiza ukuthi bangabi nayo ingcindezi, okuzokwenza bahambe ibanga elide kalula kulo mqhudelwano.
"Emuva komdlalo wethu neBenin, ngizwile abahlaziyi bebhola bethi noma sinqobile kodwa ngeke siludle ubhedu kulo mqhudelwano.
NGUKAPUTENI weCote d'Ivoire uFranck Kessie.
"Lokhu abakusho ngathi, yikhona kanye okusenza silwe kakhulu kunakuqala. Yebo kulungile kasizona izimfivilithi. Siyiqembu elibophele abafana abasebancane, iningi labo elidlala e-Egypt.
"Kodwa sizolwela izwe lwethu, wonke umuntu ungena enkundleni azi kahle ukuthi yini okufanele ayenze njengoba senzile kulo mdlalo weBenin, silwile kunzima," esho.