15 | Izindaba

Friday, 09 January 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

UmkaTira udalula eyomgwazo ka-R50 000 emsakazweni

Image

NGU-DJ Tira nomkakhe uGugu Khathi.

01


Sthembiso Mdunge:

Nakhuya!

02


Mfundo M-Squared Mhlongo:

Wenze kahle wagwaza ngoba besivele sifuna ingoma yakhe nge-3!

03


Mzilikazi Mbulazi:

Umfazi nje akatshelwa yonke into.

04


Makhocy Mbona:

Kusho kuthi noTira ngesikhathi esahlukanisa unyaka wayegwaza naye. Ngeke akhulume into angayazi, kodwa-ke kulungile, sekwenzekile kwadlula, asiqhubekeleni phambili.

05


Cindy Mgabadeli:

UKhozi-ke lolo, olumaphikophiko.

06


Nomndayi Singila:

Kugwaza abacula udoti ngoba bezazi ukuthi bayabheda, hhayi uTira wethu neGagasi lethu.

07


Shlobo Shlobolozy Ndabezitha Biyela:

Kazi kuwona muphi umsakazo? Bengasukeli uKhozi bakithi.

08


Makhosi Buthelezi:

Akasiyeke yena. Uma kuhamba kahle akasiphi no-2 litre ka-Ice cream. Sisaqedela amaChoice Assorted kaDisemba.

09


Kokoc Msibi:

Kusho ukuthi this year bebenganawo u50k? Yini esimenza akhulume manje? Kade kumnandi berobha ezinye iyngane la, aykhale!

10


Sindy Confindence Gabela:

Pho senzeni ngalokho, akukho la kungagwazwa khona.

11


Nyakallo Macdonald Lebitsa:

 UTira kugcono avele ayeke ngoba useyahluleka manje.

12


Thokozani Mkwanazi:

UMA kusasebenzela bona bathi u-connection, uma sekubakhipha ngaphandle bathi yi-corruption 🤣🤣🤣🤣