11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 09 January 2026
Awu madoda! Uma kuthiwa uMdali wazinika ithuba ngesikhathi ebumba umuntu wesifazane kukhulunywa ngawe ntokazi yaseGhana eyaziwa ngoFantana emculweni.
Ngizithola ngishwashwatha uma ngizama ukuthola amagama achaza ubuhle nokuma kahle kwakho ntombi. Kuthi mangingabe ngisakhuluma kakhulu, kunalokho ngikuthengele lo swidi okuthiwa uZulu Motto obhalwe ukuthi, "ngithi manqa."