10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 09 January 2026
Hlukanani nokugxeka umzimba kaNkosazana Daughter
NGUNKOSAZANA Daughter
ABANTU sebengaze banethuke la ngaphandle ngoba hheyi, niyanakana!
UNkosazana Daughter (osesithombeni esingenhla), nimnake waze waqoka ukunichapha ngenhlamba, nithi ukhuluphele ngokweqile, umzimba wakhe umenza abukeke emdala.
Jikijiki, yehla ingane yabantu, hhawu nina futhi seniphezu kwayo, nithi inciphe kakhulu.
Ziyanehlula ngempela ezenu, futhi oyonaka nina uyogcina eziphosa eweni. Bhekani ithalente lengane, niyeke eye-body shaming.
NGUKELLY Khumalo.
Unephuzu uKelly, ningathwasi nonke ngo-2026
UKELLY Khumalo (osesithombeni esingenhla), uthi niyamsukela uma nimbiza ngesangoma.
"Kangisona isangoma, ngiyingane nje kaMoya, kangiliphuzi ngiligabhe langehlula, kangikwazi ngisho ukugida lokhu.
Kuningi okwangehlula. Yingakho indlela kaMoya yenzelwa umuntu eqondene naye ngqo," kubhala yena ekhasini lakhe le-Instagram.
Hhayi mnta kaKhumalo kubukeka sengathi unephuzu, phela sekucacile ukuthi sizothwasa sonke, singazi nokuthi sithwaselani.
UMzala ubesecabanga nokuvula isigodlo sakhe ngoba wonke umuntu ngathi ufuna ukuthwasa manje.
Kodwa-ke it's fine, Camagu kuleyo ndawo.
Sazifaka obishini isisebenzi sikaMasipala weTheku
IMPELA basuke beqinisile uma bethi icala lembula ingubo lingene.
Kahle kahle yini le ebiyenza isisebenzi sikaMasipala weTheku - esitrendayo ezinkundleni zokuxhumana - sifake izibi esitamkokweni?
Phela le nto ikutshengisa ngokusobala ukuthi lesi sisebenzi kasiwenzisisi umsebenzi waso.
Bekuyini nje ukuthatha i-dustpan sibuthe izibi, zifakwe ku-plastic?
UMzala akakwazi ngempela ukuthula kule ndaba ngoba izimoto zibhajwa ngamanzi emgwaqweni uma lina izulu, kanti nigxisha udoti ngamabomu.
UMasipala weTheku kumele wenyuse amasokisi, ulandelele izisebenzi zawo ezisebenza emgwaqweni. Ngiyeza ngizofaka iCV lapho kwaSolid Waste.
Ngicwilelwe yibhonasi ngenxa yokwethemba iBafana kwi-Afcon
HHO hhe! Impela isiZulu siqinisile uma sithi kungcono ukwethemba itshe kunomuntu.
Phela ngathatha yonke imali yami yebhonasi ngabhejela iBafana Bafana ukuthi nakanjani izofinyelela kowamanqamu we-Afcon eqhubeka eMorocco.
Ingani uHugo Broos ongumqeqeshi walesi sikwati nokaputeni waso uRonwen Williams, bakusho bephindelela ukuthi bazokwenza kangcono kunonombolo 3 ababuya nawo e-Ivory Coast ngo-2024.
Yeka amandla esambane ngale mali yami engaka ecwilile bephuma ku-last 16. Futhi uma ngicabanga ngenkulumo yalaba bobabili, kuvele kuthi angiyoziphonsa eweni.
Phela ngathi kumkami imali isesitokofeleni, izophuma uma kuphela i-Afcon.
Okwami okwezandla!