20 | Ezemidlalo
Friday, 08 May 2026
NGUMANQOBA Mngqithi ongumqeqeshi we-Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UKHALELE abathandi bakanobhutshuzwayo abaphuthelwe wumdlalo wezakhe zibambana namaZulu FC ngo-1-1 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini - ngoba bebheke ngabomvu umphumela weMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs - uManqoba Mngqithi ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows.
USuthu yilona oluvule inkundla kulo mdlalo, uSandile Mthethwa elibeka enethini ngomzuzu ka-17, ele-Arrows leza noJerome Karelse, olingqofele phakathi ngoka-90.
UMngqithi uzwakalise ukungajabuli ngokuba yingcosana kwabalandeli abebethamele lo mdlalo, “ngenxa yokuthi bebegade umphumela womdlalo weSundowns neChiefs”.
Uthe bekungaba kuhle ukuba lo mdlalo ubukhonjiswa bukhoma kumabonakude, ukuze abathandi bebhola bebezozibonela izinga lebhola laKwaZulu-Natal.
“Ngabe kangibenzi ubulungiswa uma ngingancomi izinga likanobhutshuzwayo, ikakhulukazi elamakilabhu esifundazwe.
"Kangiboni kukhona ikilabhu ezithambisile kule sizini. Lokhu kugqame nangokunqoba kweDurban City indebe yeNedbank Cup ngeledlule, okudweba isithombe esicacile sokuthi uma singafaka amakhono ethu sonke kubadlali abasakhula, lizokhula izinga likanobhutshuzwayo,” esho.
UZE wamisa okwenkunzi uSiphamandla Zikhali woSuthu evimba u-Isaac Cisse we-Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthe bekufanele bawunqobe umdlalo wabo noSuthu, ukube abadlali bakhe kabadlalanga ngamathuba.
Emdlalweni olandelayo i-Arrows izobhekana nePolokwane City ngoMgqibelo ngo-15h30, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
"Ngizodlala nekilabhu (iPolokwane) efanayo namaZulu FC, ngenxa yokuthi badlala ibhola eligijimayo, elidle ngokushoshela. Kuzomele sibe nezinguquko ezimbalwa kulo mdlalo ukuphumuza abanye abadlali engikholwa wukuthi bakhathele,” esho.
Uthe uma abadlali bakhe bezoqikelela, baqale imidlalo ngomfutho abawukhombise ngesiwombe sesibili bebhekene noSuthu, iPolokwane ngeke ilibone elidlalayo.